
UShabalala udalula ubunzima ngemuva kokulimala
Isihlabani seKaizer Chiefs, u-Mduduzi Shabalala, sesikhulume ngobunzima esibhekane nabo ngemuva kokulimala kanzima ngasekupheleni kwesizini edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala waphuka ingalo ngoMeyi 2026 ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns.
Lokhu kwaphoqa ukuthi aphuthelwe yimidlalo emithathu yokugcina yesizini.
Ukulimala kuphinde kwamenza wangakwazi ukuhamba neqembu ngesikhathu liyolungiselela isizini eSpain njengoba esaqhubeka nokululama.
Ngemuva kokusayina isivumelwano soxhaso nePuma, u-Mduduzi Shabalala uveze ukuthi izinyanga ezedlule bezinzima kakhulu kuye.
“Bekuyisikhathi esinzima kakhulu kimina. Ngadumala ngoba ngangisebenze kanzima futhi nginezifiso ezinkulu ngeKaizer Chiefs nangeBafana Bafana,” kusho uShabalala.
“Kodwa ngangazi ukuthi ukubhekana nezingqinamba kuyingxenye yebhola.
“Ngagxila ekululameni futhi ngaqhubeka nokuzikhuthaza ngoba ngiyazi ukuthi isikhathi sami sizobuya.”
Mayelana nenqubekela phambili yokululama kwakhe, uthe izinto zihamba kahle.
“Ngiyalulama kahle futhi nsuku zonke ngiya ngiqina,” kwengeza uMdu or Die.
“Ngokwengqondo, lesi sikhathi singifundise ukubekezela, ukuqina nokuhlala nginethemba noma izinto zinzima.
“Kungisizile ukuthi ngikhule, hhayi njengomdlali kuphela kodwa nanjengomuntu.
“Ngikholwa ukuthi ngizobuya nginamandla kunakuqala.”
- FUNDA NALA | U-Ayanda Dlamini uqashwe elasoLundi
U-Mduduzi Shabalala kuzomele aqale phansi alwele indawo yakhe eqenjini eselicijwa uFernando Da Cruz uma eseluleme ngokugcwele.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
