
Ulundi United luqashe u-Ayanda Dlamini wodumo kuMaZulu
Iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League laKwaZulu-Natal, Ulundi United selimemezele ngokusemthethweni ukuqoka owayengumgadli nomqeqeshi waMaZulu FC, u-Ayanda Dlamini.
Nguye ozohola leli qemu kwisizini yalo yokuqala kulesi sigaba njengomqeqeshi wayo omusha ngesizini ka-2026/27.
UDlamini wethulwe ngoMsombuluko emcimbini wokwethulwa kwejezi elisha leqembu nethimba labaqeqeshi obubanjelwe eTop View Lodge Olundi.
Lo mqeqeshi wazakhela igama ngesikhathi edlala kuMaZulu FC, lapho achitha khona iminyaka eminingi engomunye wabadlali abavelele.
Ngemuva kokubeka amakhokho ethala, wajoyina ithimba labaqeqeshi kulo Usuthu, lapho athola khona ulwazi kwezokuthuthukisa abadlali, amaqhinga omdlalo nokuphatha iqembu.
Leli qembu likholwa ukuthi ulwazi, ubuholi nokuqonda kwakhe ibhola laseNingizimu Afrika kuzodlala indima enkulu ekwakheni iqembu elizoncintisana ngesizini entsha.
- FUNDA NALA | ISiwelele ihlola uMarou
Abaphathi baleli qembu bathe banesiqiniseko sokuthi uDlamini nguyena ofanele ukuhola leli esikhathini esisha sokukhula, ukusebenza ngobungcweti nempumelelo.
Ngaphandle kokwethula u-Ayanda Dlamini, Ulundi United iphinde yethula ijezi layo elisha namalungu amasha ethimba labaqeqeshi.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
