
UBenni McCarthy ubhoboka ngokwaqhatha iKenya no 8-0 weSenegal
Umqeqeshi weHarambe Stars uBenni McCarthy usegcine eliphalazile iqiniso ngomphumela owaba yihlazo elibi kuleli qembu lakhe.
NgoNovemba nyakenye, uBenni McCarthy waswela umgodi wokucasha kulandela ukubhujiswa ngo 8-0 yiSenegal.
Yize kwakuwumdlalo wokuzizwa amandla, kodwa lo mphumela waba nomthelela omubi eqenjini lakhe elalibukeka liza kahle.
Wehlisa ukuzethemba eqenjini kanjalo nakubalandeli ababebona kuza izinto ezinhle ngaphansi kwalo mqeqeshi waseNingizimu Afrika.
Ngemuva kwalo mphumela, uMcCarthy akathandanga ukukhuluma yize ayebonakala ukuthi uphoxekile.
Nokho manje usebhobokile ngathi kwaba nomthelela ekutheni bazithole sebesehlazweni elibi kangaka.
UBenni McCarthy ukhala ngokuthi akabanga nesikhathi esanele kahle ukulungiselela lo mdlalo.
Lokhu kwadalwa wukuthi wezwa ngalo mdlalo sekusele izinsuku ezimbalwa udlalwe njengoba yena ayelungiselela omunye.
Uthi kwakukade kuhlelwe ukuthi bazozwana amandla ne-Equitorial Guinea kodwa kwajika izinto ngemizuzu yokugcina kwaba iSenegal.
“Kwakumele sidlale neMadagascar neComoros, kodwa kwajika esikhaleni kwathiwa sekuzoba yi-Equitorial Guinea neMadagascar.
“Kwaphinde kwajika futhi kwathiwa sekuzoba yimidlalo emibili ne-Eqitorial Guiena,” kuchaza uMcCarthy.
“Kodwa kuthe sekusele iviki ngaphambi komdlalo, satshelwa ukuthi sesizodlala neSenegal. Kwakungekho ezandleni zami.”
Njengoba ayazi ukuthi uzodlala namaqembu angaqinile kakhulu, uBenni McCarthy wayeqoke abadlali abangenamava.
Inhloso kwakuwukubabona ukuthi benza kanjani eqenjini lesizwe ukwandisa isibalo sakhe sabadlali.
“Sasibhekene nompetha be-Afcon sinabadlali abasha eqenjini futhi abangenamava,” kwengeza lo mqeqeshi.
“Sasingakulungele nhlobo ukubhekana neSenegal. Kodwa kwajika izinto, bese sazithola sekumele sidlale nabo…
“Akubanga yinto enhle eqenjini lethu leyo.” ISenegal yayibophele iqembu layo eliqinile.
Lokhu kungenxa yokuthi yona yayilungiselela ukuyodlala kwi-Afcon eMorocco, eyagcina ibe ngompetha bayo.
Nokho ke ibuye yaphucwa isicoco, sanikwa iMorocco ngemuva kokutholwa inecala lokuduba umdlalo.
