EzintshaNedbank Cup

‘Nothi ngasho,’ kusho uDuba ethembisa abeChiefs iNedbank Cup

Lo mdlali osemncane uphenduke ihlaya phakathi nesonto kulandela ukuthi eqagule ukuthi bazodlula kwiMamelodi Sundowns baye kowamanqamu kule ndebe. 

Uthe unomuzwa wokuthi le ndebe izophelela eNaturena ngoba lesi sizukulwan esabo sizimisele ukuqeda indlala yeminyakanyaka yezindebe. 

“Bekufannele siwine namuhla,” kusho uDuba oqokwe njengomdlali ovelele ngeSonto ebusuku.

UWandile Duba nguye oshaye igoli lokuqala njengoba iKaizer Chiefs inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo.

Ubeyiphela endlebeni ezitobheni zeSundowns. Ushaye igoli ngemuva kokubamba ibhola uLuis Suarez ezame ukuphasela uTeboho Mokoena.

“Besingeke sivume iSundowns isishaye kuze kube kane kule sizini,” kuqhuba uDuba.

“Lesi sizukulwane seChiefs sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyaliqeda leli hlazo lokungabi nazindebe.”

Uthe umqeqeshi, uNasreddine Nabi, ubatshelile ukuthi bancike eduze nezitobha zeSundowns ngoba zinamaphutha.

“Uthe singabajahi, sibancenge nje kancane bese silinda benze amaphutha njengoba benzile ngegoli lami. 

“Umqeqeshi usitshelile ukuthi asogada ikakhulukazi uSuarez ngoba unamaphutha, sizomthola. 

“Ubesitshela lokho kusukela kuqale isonto silungiselela lo mdlalo,” kuqhuba uDuba.

Ube esebuzwa ukuthi usamile yini emazwini akhe okuthi bazoyinqoba le ndebe.

“Kukhona umusho kaZuma (owayengumengameli wakuleli) othi, ‘Nothi ngasho… Nothi ngasho. 

“Ngishilo ngaleliya langa ukuthi iNedbank Cup siyayithatha. Manje sesibuyela ekutheni sibheke umdlalo olandelayo. 

“Owamanqamu sobuyela kuwo uma sewufikile,” kuphetha lesi sihlabani esisesincane. 

IChiefs seyizobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu kulo mqhudelwano ozoba ngoMeyi 10. 

Lo mdlalo osivele ubhekwe ngabomvu uzoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini.