
URiveiro akawuvali umlomo ngoDlamini ‘obuye engabonakali’
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uhalalisele uKabelo Dlamini ngomklomelo wakhe wokuqala wokuba nguMdlali oVelele eminyakeni ecishe ibe mithathu besebenza ndawonye.
UKabelo Dlamini uqokwe njengomdlali ovelele ngeisikhathi i-Orlando Pirates ishaya iMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup ngeSonto.
Lo mdlali odlala ngonyawo lwesokunxele ushaye igoli elithumele iPirates kowamanqamu okwesithathu kulandelana.
Leli goli lakhe eligqilaze iGallants ulishaye esiwombeni sokuqala salo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
Uphakelwe ibhola elihle nguPatrick Maswanganyi engaphakathi ebhokisini leGallants, wabe eselibeka ngobuchule kude noWashington Arubi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uJose Riveiro uncome uKabelo Dlamini nabanye abadlali abangajwayele ukuqala imidlalo kodwa abangene badlala kahle.
“Kuwukuzibophezela,” kusho uRiveiro lapho ebuzwa ngabadlali abangajwayele ukuqala imidlalo aqoke ukubaqalisa.
“Kuveza ukuthi wonke umdlali uyingxenye yesikwenzayo njengeqembu, bafuna ukusiza futhi bayazi ukuthi yini edingekayo kubo.
“Namuhla asikwazanga ukudlalisa uThalente (Mbatha) ojwayele ukudlala kuleyo ndawo, kanti uKabelo nguyena owokuqala obekhona ukudlala kuyo.
“Siyazi ukuthi yini angasinika yona. Kufanele sikwazise ukuzibophezela kwakhe eqenjini.
“Ubengazilolonga muva nje ngoba ubegula kodwa ukwazile ukudlala imizuzu engu-60 emihle.
“Ngiyajabula ukuthi uthole le ndondo yoMdlali oVelele. Ngeyokuqala selokhu ngafika lapha yize ehlezi esinikeza imidlalo emihle impela.
“Ungomunye walabo badlali kwesinye isikhathi abangabonakali kubantu kodwa uhlale enikela kahle eqenjini.”
Njengoba indawo yayo kowamanqamu kwiNedbank Cup seyiqinisekisiwe, iPirates manje isizobhekisa imiqondo yayo kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
Izosingatha iqembu lase-Egypt iPyramids FC eFNB Stadium ngoLwesihlanu kanti nalona kuzoba ngomunye umdlalo omkhulu kumaBhakabhaka.
