
Izombanga nelaphesheya iChiefs uma ifuna uDithejane
- Intatheli yeLISENETHINI
Naphezu kwemibiko eqhubekayo ematanisa isihlabani seTS Galaxy, uPuso Dithejane neKaizer Chiefs, kuvela ukuthi okwamanje akukho okubambekayo.
UDithejane wenze kahle selokhu ejoyine iRockets ngesizini edlule ngemuva kokugila izimanga neqembu laMakhosi elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Angadlala emuva kwesokudla aphinde adlale njengomdlali wasesiswini omakayo, aphinde ahlasele okumenza umdlali okhangayo emaqenjini amaningi aphezulu kwiBetway Premiership.
UDithejane udlale imidlalo engu-16 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule kwiGalaxy ngaphansi kobengumqeqeshi wayo uSead Ramovic.
Washiya kwiChiefs ngemuva kokuxabana nabaphathi kade egoloze ukuqhubeka nokuba umfana oqoqa amabhola emidlalweni yeqembu elikhulu.
“Cha, akukaze kube khona ukuxoxisana phakathi kwethu neChiefs mayelana noPuso. “Sijabule ngalokho ngoba useyingane futhi uthuthukisa umdlalo wakhe” kucashunwe isikhulu seGalaxy esingadalulwanga siho kanje.
Omunye umthombo osondelene nalo mdlali wengeze ngokuthi lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala uqashwe ngelokhozi yinqwaba yamakilabhu aphesheya kwezilwandle.
IGalaxy idlale neqembu leBundesliga yaseGermany, iFC Augsburg emdlalweni wobungani wangaphambi kwesizini.
Kulapho uDithejane nabanye abadlali abasebancane abazibonakalise khona, baheha iso labaqeqeshi be-Augsburg.
“Uhlale eqashwe ngeso lokhozi ngemuva kokudlala kahle neFC Augsburg,” kusho lo mthombo.
“Yingakho ubuye uzwe ukuthi kukhona namaqembu angaphandle ambukayo.”
