EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela ocuthele umsebenzi kaNasreddine Nabi kwiChiefs

UNasreddine Nabi uqale ngendlela engajabulisi kangako ekuqeqesheni iKaizer Chiefs kanti kunamahlebezi alokhu evela okuthi angase ahambe. 

Njengamanje iChiefs issendaweni yesiyisishiyagalombili kwilogi yeBetway Premiership.

Nokho okulokozisa ithenjana kuleli qembu laseSoweto wukuthi selingene kowamanqamu kwiNedbank Cup. 

Yize iChiefs ingakasho lutho ngekusasa likaNabi, owayeyiphi lomqeqeshi kwi-AS FAR uJamil Benouahi usezivezile ukuthi ukhona yena. 

UBenouahi udalule ukuthi yini eshodayo kwiChiefs wathi yena angase aliguqule leli qembu elizinze eNaturena liphinde libe ngelinye lamaqembu aphambili.

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngiyawuthanda umsebenzi omuhle nonombono othile,” kusho uBenouahi engxoxweni abe nayo ne-FARPost.

“Ngakho, ngingathanda ukuqeqesha iqembu elifana neKaizer Chiefs. Ngisho ukuthi, leli yiqembu elikhulu.

“Kufanele ngabe liphezulu kwiligi, hhayi lapho lkhona njengamanje. 

“Ngingajabula ukuza kulo, ngisebenzise izinto ezintsha, futhi ngisebenze ngokuziphatha nesimo sengqondo sabadlali.

“Uma usunabadlali bakho nawo wonke umuntu ocabanga ngendlela efanayo futhi ninezinhloso ezifanayo, nginesiqiniseko esingu-100% sokuthi iKaizer Chiefs ingabuyela phezulu.”

UBenouahi uphawule ubuthakathaka basemugva beChiefs njengenye yezinto ezibalulekile angagxila ekuzilungiseni uma enganikwa umsebenzi eNaturana. 

“Ngizwa abantu bethi abawashayi amagoli, kodwa bengibukele umdlalo wabo neGolden Arrows muva nje negoli abalidedelile. 

“Awukwazi ukudedela amagoli kanjeya uma uyiKaizer Chiefs, leyo ngenye yezinto engingasebenza ngazo ukuzilungisa ngokushesha.”

Amahlebezi athi ikusasa likaNabi lincike kakhulu ekutheni wenza kanjani kwiNedbank Cup.

Uma kungenzeka angayinqobi, kungenzeka acele ukukhululwa ngoba ngathi ingcindezi isiyazwela kuye. 

Kunemibiko evele ekuqaleni kwesonto yokuthi ubevele esethe uzoshiya ukuba bahluleka ukushaya iMamelodi Sundowns bangene kowamanqamu.