EzintshaMamelodi Sundowns

Igidigidi uSaleng ebonakala ezicija neDowns

Ukubonakala kuka-Monnapule Saleng ezilolonga neqembu leMamelodi Sundowns njengoba lilungiselela umdlalo omkhulu sekususe isasasa kubalandeli.

ISundowns izilungiselela umdlalo wamanqamu weMTN8 la izogadulisana khona ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. 

USaleng ubonakala nje bese kunesikhathi agcina ukuba seqenjini futhi sekunokungabaza ngekusasa lakhe.

Kuke kwavela ukuthi unezinkinga ezimvimbela ukuthi azinikele ekudlaleni ibhola ezavunywa yimenenja yakhe nomqeqeshi waMasandawana.

Imenenja ka-Monnapule Saleng, uKarabo-Mathang-Tshabuse, waphumela obala wathi kukhona okuphazamisa lo mdlali, kodwa akangalibeka ngembaba ukuthi yini.

Wavuma ukuthi useke wezwa ngabasondelene naye ukuthi uyeqisa ezinkambeni zikaFaro. 

“Sengike ngambuza ngenkinga yotshwala futhi mina ngibona sengathi inkinga enkulu ngeyesimo sengqondo,” kusho le ntokazi ngaleso sikhathi.

“Kungenzeka ezinye seziyazigaxelela nje. Kungenzeka uyaphuza ngokweqile, kodwa lowo umthelela nje hhayi inkinga okufanele kubhekwane nayo.” 

Nokho ukubonakala kwakhe eneqembu ngoLwesithathu ngesikhathi kumenywe abezindaba eChloorkop sekukhuthaze abalandeli. 

Umlandeli webhola, u-Evidence Bongwe ubhale kanje kwi-X ngalo mdlali: “USaleng ubuyile ejimini ngaphambi kowamanqamu nePirates kodwa usenyuse isisindo.”

U-@Thee3nthusiasts yena uthe: “Ingabe ucabanga ukuthi uSaleng uzobe esemuzweni wokudlala njengoba yena edlala uma kuthanda yena?”.

Imibono ngo-Monnapule Saleng beyihlukene ezinkundleni, kodwa okucacile wukuthi abaningi bayafisa ukuphinde bambone egijimisa amadoda.