
U-Itu Khune ushaqekiswe okushiwo uKhuzwayo ngaye
Owayengunozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune useziphendulele ngezinsolo ezenziwe ngowayenguzakwabo uBrilliant Khuzwayo.
UBrilliant Khuzwayo usanda kuveza ukuthi u-Itumeleng Khune wayenzelwa umusa ngabaqeqeshi ngesikhathi bendawonye kuMakhosi.
Labo nozinti ababili babebanga indawo yokuqala kwiChiefs phakathi kuka-2012 no-2018.
U-Itumeleng Khune nguyena obevamise ukuqala imidlalo kule kilabhu futhi aphinde adlale nakwiBafana Bafana.
UBrilliant Khuzwayo, osewathatha umhlalaphansi, ushaqise abalandeli ngamazwi akhe ngesikhathi exoxa ne-iDiski Times muva nje.
Uthe uKhune ubeyintandokazi yabalandeli futhi waveza ukuthi lokhu kwakwenza enzelelwe uma sekuqokwa iqembu elizoqala imidlalo.
Eziphendulela ngalezi zinsolo, uKhune utshele i-iDiski Times ukuthi ushaqeke kwaphela nasozwaneni ezwa lesi zinsolo.
“Ngibonile uBrilliant Khuzwayo engihlasela, ethi abanye abaqeqeshi babengenzele umusa ngokungidlalisa ngaphambi kwakhe,” kusho uKhune.
“Kodwa angiqondi ukuthi ukuthathelaphi lokho. Sasijwayelene futhi sizicija ndawonye, siqhudelana.
“Umbango wethu wawumuhle nje ungenankinga,” kuqhuba uKhune oshiye ekupheleni kwesizini edlule kwiChiefs.
UKhune ukholwa ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kwakhe yikho obekwenza abaqeqeshi baqoke yena ukuqala imidlalo.
“Uma uqhathanisa, wayengenathuba ngesikhathi sibanga naye… Lokhu kungenxa yengangikwenza ukusukela ejimini kuya enkundlnei kwiChiefs nakwiBafana Bafana,” kwengeza yena.
U-Itumeleng Khune uthe uyawuhlonipha umbono kaBrilliant Khuzwayo kodwa akahambisani neze nawo.
UKhune uphinde waphawula nangohlobo lukanozinti oludingwa yiChiefs njengamanje.
Ukholwa ukuthi Amakhosi adinga unozinti odlala ngothando nohlezi esezingeni elilodwa.
UKhuzwayo udlale imidlalo engaphansi kuka-30 ngesikhathi sakhe kwiChiefs, wayethola ithuba uma uKhune elimele noma emisiwe.
UKhune, osesebenze kwiChiefs iminyaka ecela emashumi amabili, namanje usengomunye wabadlali abalandeli abangabakhohlwa.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kwalaba bobabili ababedlala ndawonye futhi bebukeka bezwana kakhulu sekudonse amehlo.
Abalandeli bazolokhu bebheka ukuthi le mpi yamazwi izoqhubeka yini nokuthi izophelelaphi.
Kwazi bani, mhlawumbe kukhona izimfihlo ngokwakwenzeka ezingagcina ziphumile nje.
