EzintshaKaizer Chiefs

Amazwi okuqala kaMcCarthy oshiye iChiefs efika kwelaphesheya

U-Aiden McCarthy useqale isahluko esisha emsebenzini wakhe webhola ngemuva kokuhlukana ne-Kaizer Chiefs, wasayina neqembu lase-Azerbaijan, iSabah FC.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usemenyezelwe ngokusemthethweni yiSabah FC.

Ephawula okokuqala ngemuva kokwethulwa kwakhe, ubhekise umlayezo kozakwabo abasha, ushaye ngamafuphi: “Masisebenzeni.”

ISabah iqinisekise ukuthi u-Aden McCarthy usayine inkontileka yeminyaka emithathu, ehambisana nenketho yokwelulwa ngomunye unyaka.

Ngesikhathi esifanayo, i-Kaizer Chiefs nayo ikuqinisekisile ukuhamba kwalo mdlali.

Iveze ukuthi iyaziqhenya ngokumbona ethola ithuba lokuzibonakalisa ezingeni eliphezulu lase-Europe.

“Singakuqinisekisa ukuthi sivumelene ngokudedela u-Aden ngemuva kokuba sicelwe yiSabah FK. 

“Siyaziqhenya ngokuthi uzodlala emidlalweni yokuhlungela i-Uefa Champions League ngesizini ezayo,” kusho uKaizer Motaung Junior.

U-Aden McCarthy ubengomunye wabadlali abathembekile kwi-Kaizer Chiefs ngesizini edlule.

Udlale imidlalo engu-31 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amabili. 

Ubedlala njengomdlali wasemuva kwesobunxele aphinde adlale namaphakathi nendawo emuva.

Okumenza lo mdlalo uthokozise kakhulu ukuthi iSabah FC isanda kunqoba isicoco se-Azerbaijan Premier League.

Lokhu kusho ukuthi izodlala emizuliswaneni yokuhlungela i-UEFA Champions League ka-2026/27.

Kuphinde kunike uMcCarthy ithuba elikhulu lokuzibonakalisa emqhudelwaneni omkhulu kunayo yonke emhlabeni wamaqembu ase-Europe.