EzintshaKaizer Chiefs

USead Ramovic uveza okwenze akhulule uMayo

Nakuba kube sengathi kungenxa yokuthi ubefunwa ngamanye amaqembu, isizathu sangempela sesiphumele obala.

Kungekudala ekhululiwe, uKhanyisa Mayo ube esethathwa yiKaizer Chiefs ngemuva kokwenqaba izicelo zamaqembu aphesheya kwezilwandle.

USead Ramovic – umqeqeshi weCR Belouizdad – ekhuluma neLisenethini, usibeke obala isinqumo esithinta inhliziyo sokukhulula lo mgadli. 

“UKhanyisa ungumgadli osezingeni eliphezulu futhi odinga ukudlala ezingeni eliphezulu,” kusho uRamovic. 

“Kodwa wonke umdlali udinga indawo efanele ukuze achume kahle – la azonikwa khona ithuba elanele.”

Isimo saseTunisia, kubonakala sengathi besingamlungile uMayo. Lo mgadli, obeqala ukudlala ngaphandle kwakuleli, uthwale kanzima. 

“Ubengenakho ukuzinza empilweni yaseTunisia,” kuqhuba uRamovic, athi bekubonakala esimweni sakhe somzimba nengqondo. 

Ngenxa yalokho, ukudlala kwakhe akubanga sezingeni elifanele, futhi wagcina eselizwa ngendaba ijezi.

Yilapho ke uRamovic ekhombise ukukhula khona, angalwa ngokuthi ngumdlali wakhe, kodwa wabona kungcono amkhulule aye lapho ezokhululeka khona. 

Ebona ukuthi ikhono likaMayo liyabambezeleka yilesi simo, uthathe isinqumo esinzima sokumdedela. 

“Isinqumo sokumkhulula besimayelana nokumnika lelo thuba — kwiChiefs angathola ukudlala njalo, futhi yilokho okungcono kakhulu emsebenzini wakhe.”

Lesi senzo sivulele iChiefs ithuba lokusayina lo mgadli osekukade imhalela njengoba yazama nangesikhathi esawkiCape Town City ukumthola. 

ICape Town City nokho yakhetha ukumdayisela iBelouizdad yaseTunisia, kodwa ke akazange ahlale isikhathi esitheni khona. 

Manje, ngemuva kwesizini nje, uKhanyisa Mayo usebuyele ekhaya njengoba ebolekiswe kwiChiefs isizini eyodwa ngombandela wokumthenga uma ifisa.

UMayo uzowuthola unzima umbango wejezi kwiChiefs njengoba kuvele kukhona oLuke Bartaman, Etoisa Ighodaro, Ashley Du Preez, noFlavio Silva. 

Yize engase angasheshi ukugqama kuMakhosi, ithuba lokudlala njalo yilona elibaluleke kakhulu emsebenzini wakhe njengamanje.