
U-Ertugral uvume ukudidwa zinduku zimkhalela
Umqeqeshi weCape Town City, uMuhsin Ertugral, udalule into angayithandi eyenzeke eqenjini lakhe emizuzwini engu-15 yokugcina yomdlalo wabo ngoMgqibelo ebusuku.
U-Ertugral uvumile ukuthi bobabili yena nabadlali bakhe bavele bathuka base betatazela emizuzwini yokugcina behlulwa ngo 1-0 besekhaya beshaywa yiMarumo Gallants koweBetway Premiership.
Igoli likaGabadinho Mhango libeke iGallants phambili futhi yabambelela kulo yaze yathola lo mphumela obalulekile e-Athlone Stadium.
Ukuhlulwa kweCity kwelule isibalo semidlalo inganqobi saya kweyishumi, okuyishiye isendaweni yeshumi.
U-Ertugral uvumile ukuthi uhlulekile ukulawula icebo lomdlalo, wathi okwenzekile bekuyinto ebiqala empilweni yakhe.
“Sonke sithukile emizuzwini ngu-15 yokugcina. Ngisho nami, ngemuva kwayo yonke le minyaka ngiqeqesha… sijike umqondo ngendlela esidlala ngayo.”
Naphezu kwemizamo yokuguqula amaqhinga ngokuphushela uDarwin Gonzalez no-Aprocius Petrus phambili, iCity ihlulekile ukugqobhoza udonga kweGallants.
U-Ertugral uvumile ukuthi ukwanda kwengcindezi kuphazamise ukuthathwa kwezinqumo ebhentshini naphakathi enkundleni kubadlali.
Njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa, Ufunge wagomela ukuthi uzophinde ahlole kabusha indlela yakhe yokusiza iqembu lakhe elidonsa kanzima ukuthi liphinde libuyelwe ukuzethemba.
“Ngidinga ukuphumuza ingqondo yami futhi ngisekele abafana, kumanje bakhungathekile egumbini lokushintshela,” kwengeza yena.
Khonamanjalo, iGallants ithole iwini yesibili ekuhambeni kule sizini ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.
Iqembu, phambilini ebelisendaweni yesibili ukusuka emsileni, linyuke ngezindawo ezimbili laya kweka-13.
U-Ouaddou ugcizelele ukuthi ukusinda ezembeni kuseyiyona nto ehamba phambili kuye naseqenjini lakhe elisha.
“Bekungewona umdlalo omuhle, kodwa sidinga amaphuzu. Sizokwenza noma yini edingekayo ukuze sihlale ulesi sigaba.”
IGallants ikwazile uvikele ukuhamba kwayo phambili ngokwngeza umdlali wasemuva wesihlanu uSiyabonga Nhlapo.
“Sisheshe sasebenza kusakhanya ngokushaya igoli, ngesiwombe sesibili bese silwela ukubavala,” kusho u-Ouaddou.
Iqembu manje selibheke phambili emidlalweni yangemuva kwekhefu leFifa ukuze lakhele phezu kwalokhu kunqoba okubalulekile.
