Ezintsha

U-Erasmus uchaza okumdikilise kwiSpurs neChippa

Umakadebona womgadli wePSL, uKermit Erasmus usaqhubeka nokujika nelanga njengoba engenaqembu. 

Lo mgadli usanda kuzilolonga neCape Town Spurs neChippa United kodwa wagcina engasayinanga.

Ekhuluma kwiPodcast yeSoccerbeat, u-Erasmus uchaze izizathu zakhe zokungasayini kulamaqembu.

“Ngikhulume nosihlalo weSpurs ngaxoxa kahle naye,” kusho u-Erasmus.

“Umqeqeshi ubejabule ngezinhloso zami nangalokho akubona uma siziqeqesha.

“Kodwa-ke, okwabekwa etafuleni lemenenja yami bekungasafani futhi bekungabe ngizichithela isikhathi sami nje ngakho.”

U-Erasmus uyalibonga ithuba alinikiwe lokuziqeqesha neqemu nokubuyela ebholeni.

Kodwa imigomo yenkontileka ayenikwa yona ayizange ihlangabezane nalokho ayekulindele.

NakwiChippa kwenzeke into esifanayo. Uziqeqeshe amasonto amabili wahlaba umxhwele abaqeqeshi.

Uvele ke ubazi kahle abaqeqeshi kwazise uke wadlala nabo besengabadlali.

Kodwa kwavela izinkinga ngesikhathi esenikwa inkontileka, washaya amakhala ngobude bayo nemibandela yakhona.

“Kwesinye isikhathi akube kusaba yilokhu enikuxoxile futhi abakubekayo etafuleni akukhona okusuke kade kuvunyelwane ngakho. 

“Ngeke ngisho ukuthi ukungaboni ngaso linye kulokho, kodwa ukungaqondi kahle… bese ningavumelani.”

U-Erasmus uthe ayikho ayixabene futhi ayibambelene gqubu nalamaqembu.

“Ayikho imizwa emibi, bekuyibhizinisi nje, sonke besifuna ukuziviikela nokuthola okusilungele futhi ngeshwa, akwangenzeka.”