EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ucacisa eyokukhipha uTito koweDowns

U-Ouaddou umangaze abaningi ekhipha uPatrick “Tito” Maswanganyi ngomzuzu ka-39, wabe esefaka uBandile Shandu endaweni yakhe. 

Lolu shintsho ubelwenzela ukuthi kuzokhululeka uKamogelo Sebelebele ukuthi aye phambili ayohlasela.

USebelebele ubeqale edlala emuva kwesokudla. Kodwa ngokuthi izinto bezingahlangani uma iya phambili, u-Ouaddou wabe esenza loku shintsho.

Lolu shintsho lusebenzile njengoba uSebelebele kunguye oshaye igoli lokulinganisa lePirates – okuyigoli lakhe lesithathu emidlalweni emithathu. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou ucacise ngalesi sinqumo sakhe, ethi ukumkhipha kwakhe akusho ukuthi akasamethembi noma akakholelwa kuye. 

“Ngibe ngumdlali iminyaka engu-17 ngaphambi kokuba ngumqeqeshi,” usho kanje ephendula le ndaba kamaswanganyi. 

“Kuyenzeka kwesinye isikhathi ukuthi ungabi semdlalweni – lokho kodwa akusho ukuthi usungumdlali obhedayo. 

“Ungumdlali omuhle kakhulu, ubelokhu engumdlali obalulekile eqenjini kule minyaka edlule. 

“Namuhla bekungelona usuku lwakhe. Ngiseqiniseko usazosisiza emidlalweni ezayo,” kusho u-Ouaddou.

UMaswanganyi akayiqalanga kahle le sizini njengoba ebukeka ehlelwe wumgqigqo wakhe nje. 

Bekungewona umdlalo wokuqala engenzi kahle kule sizini futhi nabalandeli sebeke bayikhuluma eyokuthi mhlawumbe kumele ake aphunyuzwe.