
Kuvela okuphendule uVeli Mothwa iqaqa kuMaZulu
Ukuzama ukuthiphisa uzakwabo ngengozi ayeyibona enkundleni kuphendule uVeli Mothwa iqaqa kuMaZulu FC, futhi kungenzeka yikho okuholele ekutheni akhululwe.
UVeli Mothwa uphakathi kwedlanzana labadlali abadedelwe yileli qembu leBetway Premiership elizinze eThekwini njengoba lizihlela kabusha ngaphambi kwesizini entsha.
Umthombo weLisenethini udalule ukuthi uMothwa uzithole esenecala eqenjini kulandela ukuzama ukuthiphisa uzakwabo.
Uthi lo nozinti wabona ingozi ngesikhala esasivulwe uzakwabo owayesenkundleni, wabe esememeza emtshela ngaso, kwaba usezilayile.
“Njengoba wazi ukuthi uVeli ungumuntu obesekayo ozakwabo futhi uhlale ememeza ebakhuthaza noma ebathihisa ngakubonayo uma esebhentshini,” kusho umthombo.
“Komunye wemidlalo, uzame ukusiza uBongani Zungu ngokumtshela ngesikhala ebesivuleke ngemuva kwakhe abona izimbangi zingasisebenzisa ukulimaza iqembu.
“Kwakuyiseluleko esivamile nje kuye, kodwa abanye bakuthatha ngendlela engafanele futhi wasolwa ngokuxwayisa izitha ngobuthakathaka beqembu.
“Ekuzivikeleni kwakhe, wabuza ukuthi kungani kungalungiswanga kahle uma kubonakala njengobuthakathaka nokuthi kungani kudlaliswa umdlali onalobo buthaka uma baziwa.
“Udaba lwadlulela ekilabhini uma ngizwa, futhi akazange adlale ngemuva kwalowo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi ukukhululwa kwakhe kuhlobene naleso sigameko ngoba ubesenyamanambana nje.
“Ngiyazi ukuthi abanye bakholwa ukuthi kungenxa yeokwehlelwa yifomu kwakhe… Nakho lokho kungaba yimbangela, kodwa inkinga yaqala lapho ezama ukusiza.”
Khonamanjalo uVeli Mothwa ufuna iqembu elisha kanti kubikwa ukuthi iChippa United izimisele ngokumbuyisa kuyo.
Kukhona namahlebezi okuthi iKaizer Chiefs nayo iyamthakasela lo nozinti osemnkantshubomvu.
