
Okwenze uShinga adikile awase-Europe agijimele iChiefs
UNkanyiso Shinga udalule ukuthi ushiye kanjani konke e-Europe, wagijima wabuyela ekhaya ngesikhathi iKaizer Chiefs iveza intshisekelo yokumsayina.
Lo mdlali owazalelwa eThekwini ungomunye wabadlali abasayiniswe kungazelele muntu Amakhosi njengoba elungiselela isizini entsha.
Futhi kuShinga, lokhu kuwukufezeka kwephupho elidala, njengoba egabhe amaqembu abemeshela e-Europe ukuze azojoyina lezi ziqhwaga zaseSoweto.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala odlala emuva kwesokunxele futhi odabuka eMlazi, ujoyine Amakhosi esuka eqenjini lasePortugal i-Alverca, esanda kukhushulelwa kwiPrimeira Liga.
Kulindeleke ukuthi abange noPaseka Mako — naye osanda kufika kwiChiefs — indawo yokuqala imidlalo ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi.
“Bekuyiphupho lami elidala ukudlala kwiKaizer Chiefs,” kusho uShinga kwiSABC Sport.
“Lapho ingithinta, ngavele ngazi ukuthi yisiphi isinqumo okumele ngisithathe.
“Bekunamaqembu abengifuna e-Europe, kodwa iChiefs yinto enkulu kimi. Ngijabule kakhulu.”
UShinga ukhuliswe yiKwaZulu-Natal Academy, eyavundulula futhi yapholisha amakhono abanye abadlali abafana noThabo Cele noSiphephelo Sithole.
Uchithe iminyaka eyisikhombisa ePortugal, ekhuphuka esuka kwi-Under 19 waze wayofika esigabeni esiphezulu.
Waqala edlala esiswini ophikweni, wadlala nakwezinye izindawo kodwa wagcina esegqama emuva kwesokunxele.
“Ngaqala njengomdlali wasophikweni futhi ekugcineni ngajwayela izindawo ezihlukene…
“Kusukela ngidlala esigabeni sesine kuya kwesesibili futhi ngaze ngangena esigabeni esikhulu,” kuqhube yena.
“Manje sengibuyele ekhaya, ngizodlala phambi kwabantu bangakithi.”
Uthi ugqugquzelwa yinkakha yeChiefs uTsepo Masilela futhi manje uShinga usebheke ukuzakhela igama kuMakhosi.
UNkanyiso Shinga uzozwa okokuqala umuzwa wokudlala phambi kwabalandeli beKaizer Chiefs ngoJulayi 26.
Ngalolu suku iChiefs izobe ibhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
“Ngike ngaba seMoses Mabhida ngiyobuka umdlalo kuphela. Manje sengizodlala khona, phambi kwabantu bangakithi… lokho yinto ekhethekile.”
Ukukwazi kwakhe ukudlala izindawo ezihlukene kuzoba wusizo olukhulu kwiChiefs.
“Ngithanda ukudlala emuva kwesokunxele, kodwa ngiyadlala nasemuva maphakathi nenkundla, esiswini maphakathi nenkundla nasophikweni,” kwengeza yena.
UNkanyiso Shinga uyingxenye yeqembu leKaizer Chiefs elivakashele eNetherlands njengamanje la liungiselela khona isizini entsha.
Izobhekana nePEC Zwolle ngoLwesibili ebusuku ngaphambi kokuvala ngeFC Twente ngoLwesithathu bese ibuyela ekhaya ngempelasonto.
WINA! | Gcwalisa imininingwane yakho ngezansi uzibeke ethubeni lokuwina ijezi elisha leqembu lakho
