EzintshaKaizer Chiefs

Ezintsha kwiKaizer Chiefs ngo-Ashley Du Preez

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala usenokuzithola esebhentshini noma ezihlweleni esikhathini esiningi.

Lokhu bekwenze kwavela amahlebezi okuthi uzokhululwa noma adayiswe ngoJanuwari njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali nje.

Kodwa ke iSoccer Laduma manje ibika ukuthi abaphathi baMakhosi basamethemba lo mdlali futhi abananhloso yokumdayisa noma ukumbolekisa. 

Esikhundleni salokho, iKaizer Chiefs kuthiwa isakholelwa kakhulu ku-Ashley Du Preez ukuthi usazobuyelwa wukuzethemba nomgqigqo wakhe.

Abangaphakathi abasondelene nalesi simo badalule kwiSoccer Laduma ukuthi isimo seKaizer Chiefs ngo-Ashley Du Preez asikashintshi. 

Kuthiwa isambona njengomdlali onomthelela wesikhathi eside njengoba kusasele izinyanga ezingu-18 enkontilekeni yakhe. 

“Bafuna ahlale, bakholelwa ukuthi unamandla okuba ngomunye wabagadli abahamba phambili eNingizimu Afrika, bafuna aqhubeke alwele indawo yakhe. 

“Uyazi ukuthi usenalo ikhono elanele ukuthi alwele indawo yakhe futhi afake isandla eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje.

UDu Preez, ojoyine iChiefs esuka kwiStellenbosch FC ngaleso sikhathi engomunye wabadlali ababonakala beyikusasa lekilabhu. 

Usedlale imidlalo emine kwiBetway Premiership, emithathu kwiCaf Confederation Cup nowodwa kwiCarling Knockout.

Kodwa kuze kube manje akakshayi nelilodwa igoli. Yikho lokhu okwenze kwaba nemibuzo ngekusasa lakhe.