EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs ucacisa eyekusasa ngemuva ‘kokuvalelisa’ 

Lo mgadli osemncane weKaizer Chiefs ufake umlayezo ozwakale sengathi uyavalelisa ebhala kanje, “Ngiyahamba ❤️✌️🤝”.

NgoLwesithathu kube sekuvela ukuthi kuneqembu laseSaudi Arabia, i-Al Shabab Riyadh elisha amashushu ngaye lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala. 

Abezindaba babe sebehlangana noDuba ngesikhathi eyingxenye yethimba labadlali beKaizer Chiefs abebehambele umcimbi weqembu. 

Lo mcimbi bekungowokwethulwa kweMulti Purpose Centre, e-East Rand eGoli ngoLwesithathu ntambama.

Le nkundla yakhiwe ngezimali ezitholakale ngomqhudelwano weNedbank Cup onqotshwe yiChiefs ngesizini edlule. 

UDuba ube esebuzwa ngalo mbhalo wakhe osuse ukuqagela okukhulu ngekusasa lakhe. Ushaye ngamafushane. 

“Hhayi, angiyi ndawo… (wabe eseshaya uhleko oluncane) ngizohlala la eqenjini,” kusho yena. 

Yize eseziphendulelile, kodwa ukushaya kwakhe uhleko oluncane maphakathi nempendulo yakhe kusolisile. 

Kubukeka sengathi abalandeli beChiefs sekuzomele balinde ukuhamba kwesikhathi ukubona ukuthi lo mgadli wabo osemncane ubezidlalela kukuphi. 

Ngabe ubedlala ngakubhale kwi-Intsagram noma lokhu akushilo uma esebuzwa ngalo mbhalo? 

Wukuhamba kwesikhathi kuphela osekuyocacisa ukuthi yikhona kuphi okuwumdlalo nokuyiqiniso.