
UBiyela uchithe obemnunusela ngo-R70m efuna iRichards Bay
Usihlalo we-Richards Bay, uSifiso “Jomo” Biyela, usedalule ukuthi wenqabile kukhona ofuna ukumliga ngo-R70 million ukuthi amdayisele le kilabhu yakhe.
Uthi lesi sicelo besivela kwelinye iqembu elisezigabeni zePSL, elifuna isitifiketi sokudlala kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa abadlali abasha beRichards Bay ngoLwesibili, uBiyela ukubeke kwacaca ukuthi i-Richards Bay ayidayisi.
“Sithole isicelo sika-R70 million, kodwa sisinqabile,” usho kanje uBiyela. “Sinqabile ngoba, le kilabhu kithi iyifa.”
UBiyela ugcizelele ukubaluleka kwaleli qembu esifundeni saseNyakatho yeKwaZulu-Natal.
I-Richards Bay isaqhubeka nokuzinza kulesi sifunda futhi iyithemba labadlali bakulezi zindawo zokuthi nabo bengagcina befikile ezingeni lebhola elikhokhelayo.
“Le kilabhu ingaphezulu kokuba yibhizinisi nje Ingeyabantu balapha — imele ukuziqhenya kwabo namathuba abo,” kuqhuba uBiyela.
I-Richards Bay FC yasungulwa ngo-2017 kulandela ukudayiswa kwesitifiketi seThanda Royal Zulu, esathengwa AmaZulu FC.
UBiyela yena wabe esethenga esaMaZulu sokudlala kwiNational First Division ukuze agcine amaphupho ebhola asezingeni eliphezulu ephila esifundeni.
Kusukela lapho, ikilabhu yakhe ikhule kancane kancane njengoba ngesizini edlule yenze kahle nje, ingena okokuqala kwiTop 8.
Yize uBiyela engazange alisho igama lomuntu noma iqembu ebelimlinga ngalo R70 million, amahlebezi akhomba uJohn Comitis weCape Town City.
Lo mphathi weCape Town City kukholakala ukuthi uzama konke ukubuyela esigabeni esiphezulu kulandela ukuthi iqembu kakhe lidliwe yizembe.
Ngalolu hlobo lwemali alubeke etafuleni, amanye amakilabhu abengalingeka — kodwa hhayi iRichards Bay.
UComitis uchithwe nangumphathi we-TS Galaxy uTim Sukazi oqinisekise ukuthi uthole ucingo mayelana nokuthengiselana, wenqaba.
