EzintshaKaizer Chiefs

UKaze ubhoboka ‘ngokweyiswa’ esekwiChiefs 

Obengumqeqeshi we-Kaizer Chiefs, u-Cedric Kaze, usephumele obala ngokubizwa kwakhe ‘ngotolika’ ngesikhathi sakhe eNaturena.

Lo mqeqeshi waseBurundi wayesebenza njengephini likaNasreddine Nabi, kodwa wagcina esaziwa kakhulu ngokumtolikela.

Leli gama liqhubekile nokumlandela, laqina kakhulu ngesikhathi yena noKhalil Ben Youssef beqokwa njengabaqeqeshi besikhashana ngemuva kokuhamba kukaNabi.

Ekhuluma ohlelweni i-Sports Nights Amplified kuMetro FM, uKaze uthe akazange aphazanyiswe yilokho okwakushiwo ngabantu.

Uthe abantu ezinkundleni zokuxhumana bavame ukukhuluma ngezinto abangazazi.

“Kuyahlekisa ngoba kulezi zinsuku zezinkundla zokuxhumana abantu bakhuluma nganoma yini, ngisho nezinto abangazazi,” kusho uKaze.

U-Cedric Kaze uveze ukuthi ukutolika kwakungeyona ingxenye yomsebenzi wakhe kwi-Kaizer Chiefs.

Empeleni, uthe iqembu lake laze lamcela ukuthi ayeke ukutolika.

“Kwakungekho kwinkontileka yami. Iqembu lalingitshela ukuthi angiyeke,” kuqhuba yena.

“Kodwa ngathi anginankinga. Uma ukutolika kusiza umyalezo ufike kubadlali ngokushesha, ngangizimisele ukukwenza lokho.”

UKaze uthe wayebeka iqembu phambili kunokukhathazeka ngokuthi abantu bathini ngaye.

“Okushiwo abantu ngaphandle akungilimazi ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi,” kuqhuba yena.

“Ngiyakwazi engikwaz ukukwenza, futhi isikhathi sizokufakazela lokho.”

Manje njengoba u-Cedric Kaze eseshiyile kwi-Kaizer Chiefs usethole ithuba lokuthulisa bonke ababemngabaza.

Usengumqeqeshi omkhulu weSekhukhune United, lapho ezohola khona iqembu okokuqala njengomqeqeshi oyinhloko kwiBetway Premiership.

Lo mqeqeshi ukhollwa ukuthi imiphumela yakhe enkundleni izophendula bonke ababembona engutolika nje kuphela.