Betway PremEzintsha

IKruger United ichitha amahlebezi okuba sendalini 

Iqembu elisanda kunyukela kwiBetway Premiership, iKruger United seliphumele obala ngamahlebezi abesabalele okuthi selidayisiwe nokuthi lihlela ukuxosha inqwaba yabadlali ngaphambi kwesizini entsha.

Lezi zindaba zifike ngesikhathi iqembu laseMpumalanga lisagubha impumelelo enkulu yokunqoba iligi yeMotsepe Foundation Championship nokunyukela esigabeni esikhulu sebhola eNingizimu Afrika.

Ezinsukwini ezedlule, imibiko eminingi iveze ukuthi iKruger United iyadayiswa kanti nabadlali abanjengoKagiso Malinga, Celimpilo Ngema, Khethukuthula Ndlovu, Georges Lata, Kabelo Seriba noPhilasande Manqele kuthiwa sebexoshiwe.

Kodwa iqembu lithi konke lokho akulona iqiniso. Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko, lithi lidumele kakhulu ngale mibiko.

“I-Kruger United FC ifisa ukukubeka kucace ukuthi imibiko ethi iqembu lidayisiwe noma kukhona abadlali abadedeliwe ayinasisekelo. 

“Iqembu alikadayiswa futhi akukho simemezelo esisemthethweni esikhishiwe mayelana nokudedelwa kwabadlali,” kusho iqembu.

Abaphathi baphinde banxusa abalandeli ukuthi bangasheshi bakholwe yonke imibiko evela ngaphandle kwemithombo esemthethweni yeqembu.

Ngemuva kokuqeda la mahlebezi, i-Kruger United manje isizogxila ekwakheni iqembu elizoqhudelana kwiBetway Premiership. 

Nokho kulindeleke ukuthi kube khona izinguquko eqenjini ngesikhathi sewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJulayi.