EzintshaKaizer Chiefs

UBaloyi uxwayisa iKaizer Chiefs ngesimo sabaqeqeshi

Njengamanje iKaizer Chiefs iholwa uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze kulandela ukumiswa komqeqeshi uNasreddine Nabi, okungaqondakali ukuthi kwenzakalani ngaye. 

Ukumiswa kukaNabi kukholakala ukuthi kuhlobene nokungabaza okukhona ngeziqu zakhe, kanti kushiye iqembu lididekile lingenayo indlela ecacile.

Imiphumela nayo isiyakukhombisa lokho kungaqiniseki: iKaizer Chiefs ilahle amaphuzu emidlalweni yayo emithathu yokugcina yeBetway Premiership.

Nasemzuliswaneni olandelayo weCaf Confederation Cup ingene ngokucacamezela, ihlula iqembu lase-Angola sekukhahlelwa amaphenathi.

UBaloyi ukholwa ukuthi lokhu kungazinzi okukhona kukhubaza amathuba eqembu ngesicoco seligi ngemuva kokuqala kahle kwesizini.

“Inkinga enkulu kwiChiefs akubona abadlali, kodwa yithimba labaqeqeshi,” kusho uBaloyi kwabeFARPost.

“Kuningi ukungaqiniseki. Uma ikilabhu ingaluxazulula ngokushesha lolu daba, kuzoba ngcono. 

“Kungakhathaliseki ukuthi kuqhubeka bona laba besikhashana noma kulethwa umqeqeshi omusha, kufanele kube nesinqumo.  esithathwayo

“Njengamanje, inkinga enkulu kwiChiefs yilesi simo esikhona kwezokuqeqesha.”

UBaloyi uphinde waxwayisa ngokuthi abadlali bagcine bedideka uma kulokhu kushintshashintsha abantu ababanika imiyalelo namacebo okudlala. 

IKaizer Chiefs igcine ukuphakamisa isicoco seligi ngesizini ka-2014/15, kanti njengoba isendaweni yesihlanu, uBaloyi usola ukuthi izokwehla kakhulu uma kungajiki isimo kubaqeqeshi. 

Njengamanje Amakhosi agxile emdlalweni weCarling Knockout Cup la ezobhekana khona neStellenbosch FC eKapa ngeSonto ngo-3 ntambama.