
UMokoena ukhala ngethuba elimqoka alincishwa yiPirates
- Sibongiseni Gumbi
Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates, uLebogang Mokoena, useveze ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle elamhlahlekela.
Ezinsukwini zakhe zokuqala kwi-Orlando Pirates, uMokoena wathola ithuba eliyingqayizivele lokuyojoyina iFC Sporting Lisbon yasePortugal.
Nokho, iPirates ayizange ibe magange ngalokhu, futhi akuzange kwenzeke—okuyinto uMokoena azama ukuyikhohlwa.
Engxoxweni yakamuva nabeSoccer Beat, uMokoena, yize ebmamatheka futhi ezihlekela, ukhombise izimpawu zobuhlungu obucashile ngesikhathi exoxa ngokugejwa yileli thuba.
“Into esengayingcwaba emqondweni wami leyo, futhi bese ngikhohliwe ngayo, kodwa manje njengoba usuyiveza…,” kusho uMokoena.
“Kubuya zonke lezi zinkumbulo zamathuba alahleka, uyazi, kodwa ngicabanga ukuthi kuyingxenye yempilo lokho.
“Mhlawumbe empilweni yami elandelayo, ngiyokwazi ukuyodlala phesheya kwezilwandle.
“Ngangifuna ukukhula njengomdlali, leli thuba lalizongikhulisa njengomdlali,” kuchaza yena.
UMokoena wadlala kahle kwiPirates futhi engomunye wabadlali abangaconsi kubalandeli kwaze kwabe udayiselwa iMamelodi Sundowns, nokuyilapho adonsa kanzima ukuthola ijezi.
Wawuvuselela umsebenzi wakhe neMoroka Swallows ngesikhathi isesigabeni sokuqala.
OLUNYE UDABA: UMasilela uxwayisa ngosizi oluzayo kwabeChiefs uma…
Udlale indima ebalulekile ekukhuphuleleni le kilabhu esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2020/21. Usethathe umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo.
