
U-Asanele Velebayi ubhoboka ngakufunde kwiChiefs
ALFRED Ngubane
Ukudlala kwiKaizer Chiefs sekumkhulise kakhulu u-Asanele Velebayi, hhayi nje enkundleni nje kuphela, kodwa nangaphandle.
U-Asanele Velebayi ujoyine iKaizer Chiefs esuka kwiCape Town Spurs ekuqaleni kwale sizini kanti uthi ukuba seNaturena sekumfundise izinto eziningi ngokuziphatha ngaphandle kwenkundla.
“Kimina, ngokusobala kube noshintsho olukhulu empilweni yami, hhayi nje njengomdlali webhola,” kusho uVelebayi.
“Kodwa ngenxa yokuthi iKaizer Chiefs iyikilabhu enkulu, ingishintshe kakhulu, futhi ingisize ngagxila kakhulu ngenxa yengcindezi nendlela yokuphila ngaphandle kwenkundla.
“Kungisizile ukuthi ngihlale ngigxile kakhulu ngokwazi ukuthi kukhona ukuzidela okufanele ngikwenze manje, kunezinto engingakwazi ukuzenza nengingakwazi ukuzenza.
“Ngakho, kube kuhle ngaleyo ndlela. Kungisizile ukuthi ngigxile kakhulu futhi ngiziphathe kahle.”
U-Asanele Velebayi ungomunye wabadlali abancane abanekhono elisimangaliso nokubhekwe basize ekuvuseleleni iChiefs.
Abanye bambona ezogcina engenile nakwiBafana Bafana uma eqhubeka ngale ndlela enza ngayo, futhi athuthuke.
Lo mdlali ungomunye wabadlali abathandwa ngalandeli kwiChiefs ngenxa yebhola aselikhombisile kusukela eqalile ukudlala kuleli qembu.
FUNDA NALA | USebelebele ubhoboka ngabebemhlebela ngokuthakathwa
Nokho ngokomqeqeshi uCedric Kaze kusamele asebenze ngokuphindiwe ukuze angene bese ehlala esikimini.
UVelebayi ulibanga noPule Mmodi, uMfundo Vilakazi, uMduduzi Tshabalala – phakathi kwabanye – ijezi kwiChiefs.
Lo mdlali uke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokunqaba kweCape Town Spurs ukumnika incwadi yokumkhulula ngasekuqaleni kwesizini.
