EzintshaKaizer Chiefs

OweBay uthi iKaizer Chiefs ‘ihambe wrongo’

Lona ngumlayezo womqeqeshi weNatal Rich Boyz uPapi Zothwane osekhiphe umlayezo oshubile wokuthi ngeke bona babe yisisulu saMakhosi.

IKaizer Chiefs isesimweni esingesihle muva nje njengoba seyihlulwe imidlalo emithathu kulandelana emiqhudelwaneni ehlukene.

Nokho umphumela obe mubi kakhulu futhi walahlisa ithemba kubalandeli ngowangempelasonto edlule.

Ishaywe yizimbangi zayo ezindala nezinkulukazi i-Orlando Pirates ngo 3-0 ngoMgqobelo odlule.

Nokho manje seyibheke ukudlula kulokho, izame ukuyisa umgqogqo wayo ngokuthi ishaye iRichards Bay.

Lamaqembu azokhiphana inkani eMhlathuze Stadium emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Nokho uZothwane usexwayise iKaizer Chiefs ukuthi ingezi ngobuso ngoba ingase ibuyele eGoli seyinyobozela kuhle kwenja ebanjwe intshontsha amaqanda.

“Ngokusobala, babheke ukujika izinto. Kodwa ke ngeke bakwenze lokho ngathi,” kusho uZothwane. 

“Umdlalo wokugcina esawunqoba sisekhaya kwaba owaMaZulu ngoNovemba… Sifuna ukubuyisa injabulo kubalandeli bethu.”

Akungabazeki ke ukuthi ayikho injabulo abangayinika abalandlei engadlula eyokushaya lezi ziqhwaga zaseGoli.

IRichards Bay iwafunela ukuqhela ezindaweni zezembe amaphuzu, kanti iChiefs yona iwafunela ukuqiniseka ukungasali kakhulu emaqenjini aphezulu.

Phela iKaizer Chiefs seyivele iphenduke ihlaya njengoba izingqapheli eziningi zithi isilwela ukuqeda kwiTop 8.

  • Ibophele kanje iChiefs kulo mdlalo: Bvuma – Solomons, Shinga, Miguel, McCarthy –  Mthethwa, Maboe, Chislett, Velebayi, Sirino – Da Silva. 
  • Ebhentshini: Ntwari, Cross, Monyane, Ngcobo, Ndlovu, Shabalala, Lilepo, Du Preez, Baartman.