
U-Arthur Zwane uphawula ngendondo yoMqeqeshi weNyanga
Umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, uzuze umklomelo wakhe wokuqala wokuba nguMqeqeshi weNyanga kwiBetway Premiership.
UZwane uqinisekiswe ngoMsombuluko njengonqobe umklomelo wezinyanga zikaMandulo noMfumfu.
Lokhu kwenzeke ngosuku olulodwa ngemuva kokuthi uMaZulu ehlulwe ngo 2-1 emdlalweni weCarling Knockout Cup ngeSonto.
Lo mqeqeshi, ojwayele ukubonakala ethobekile, uthi le mpumelelo akuyona eyakhe yedwa, wabe esencoma abadlali, ithimba labaqeqeshi nabaphathi beqembu.
“Ngokusobala, angikwazi ukwenza lo msebenzi ngedwa,” kuchaza lo mqeqeshi oneminyaka engu-53 ubudala.
“Udumo luya kubadlali, kulo lonke ithimba labaqeqeshi nekilabhu ngokusisekela ukuze sikwazi ukwenza konke okusemandleni ethu.”
U-Arthur Zwane uphinde wabonga umnyango wezokuxhumana waMaZulu nabalandeli abagcwalisa izinkundla uma iqembu lidlala.
“Ngibonga nomnyango wezokuxhumana. Siyakwazisa kakhulu ukuseseka kwenu ngokunjalo nabalandeli bethu.
“Bekungeke kwenzeke ukube abalandeli bebengafiki ngobuningi emidlalweni yethu ukuze basisize sithole imiphumela emihle.
“Sebengumdlali wethu ka-12, ikakhulukazi uma sidlala ekhaya.
“Sibonga bona nabo bonke abantu abebesisekela njengeqembu laMaZulu,” kwengeza yena.
- FUNDA NALA | UMpangase uphika okuthiwa ukusho ngoSibisi
Lo mklomelo uqhakambisa umsebenzi kaZwane, onqobe imidlalo emihlanu, wasiza iqembu ukuthi lihlale endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.
Ubencintisana no-Abdeslam Ouaddou we-Orlando Pirates noMiguel Cardoso weMamelodi Sundowns kulo mklomelo.
Yize ukuhlulwa ngeSonto kuqede amathemba kaMaZulu okuthola isicoco seCarling Knockout Cup, asenethuba lokuqhubeka nokulwa kwiBetway Premiership.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
