EzintshaMamelodi Sundowns

Imenenja kaMudau icacisa isimo sakhe kwiSundowns

Ngaphezu kwalokho, isebenzisa umbandela ebeyinawo kwinkontileka yakhe yokuqala ukuyelula ngomunye unyaka ukuqinisekisa ukuthi akayindawo. 

Imenenja yakhe, uSteve Kapeluschnik, ngokubika kweSABC Sport, isikuqinisekisile ukuthi inkontileka kaMudau iphele ngoJuni.

Kodwa njengoba iSundonws ikwazile ukuyelula ngonyaka, manje sekunezingxoxo ngokuthi yelulwe ngokugcwele kube ngeyesikhathi eside, futhi ibe nemihlomulo ethuthukisiwe. 

“ISundowns yikucabangi ukumdayisa njengamanje. UKhuliso ungumdlali obalulekile eqenjini, futhi ifuna ukumgcina. 

“Sengike ngaletha izicelo ezinesikufisayo thina amahlandla ambalwa,” kusho uKapeluschnik.

Ngesikhathi indaba yakhe isaxoxwa ngabaphathi, uMudau ucele ukuma ekuzibandakanyeni neqembu kuze kube iyaxazululeka eyenkontileka entsha. 

Okuphawulekayo wukuthi uma kuze kushaye uJanuwari ngonyaka ozayo ingakasayinwa inkontileka entsha, lo mdlali uzobe esenelungelo lokushiya mahhala kuleli qembu.

Uzobe esengakwazi ukuthi asayine inkontileka yesethembiso nelinye iqembu, bese elijoyina mahhala uma kuphela inkontileka ngoJuni. 

UMudau akakadlali kule sizini kodwa ufakiwe eqenjini likaHugo Broos azoqoka kulo azodlala ngalo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo. 

Uzophinde angabi khona emdlalweni womlenze wesibili weyandulela owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo la iSundowns izobhekana khona ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo. 

Nokho ithemba selisekutheni isimo sakhe sizolungiseka, akwazi ukubuyela ekudlaleni ukuthi abe khona kwiBafana Bafana uma seyidlala i-Afcon ngoDisemba.