
Inkakha yeBucs ayiyizwa ekakaputeni ‘oququda ama-ice’
- Alfred NGUBANE
ULucky Lekgwathi, oyinkakha ye-Orlando Pirates, useveze ukuthi akasiboni isidingo sokuthi u-Innocent Maela aqhubeke nokuba ngukaputeni waleli qembu.
Ekhuluma neLisenethini ngoLwesithathu, uLekgwathi uthe kuzomele bamehlise esikhundleni sokuba ngukaputeni uMaela.
Uthi lokhu kungenxa yokuthi lo kaputeni weqiwa yijezi okuyisithombe esingesihle ngeqembu.
“Kunabadlali abadlala kahle ngaphezulu kwakhe uMaela abanjengoTapelo Xoki no-Olisa Ndah.
“Mina ngibona ukuthi kungakhethwa kubona ukaputeni weqembu,” kusho uLekgwathi.
Le nkakha ithi alubukeki kahle uma iqembu lidlala imidlalo yamanqamu bese uMaela afakwe usuzophela ukuze aphakamise indebe.
“Njengoba ekhuhla ibhentshi, noma kwenzekile wawuqala umdlalo usheshe akhishwe kwenzekile eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wamanqamu weMTN8.
“Baningi abanye abadlali abanganikwa lesi sikhundla ngoba ngisho uNkosinathi Sibisi ungomunye wabadlali abanobuholi eqenjini.”
UMaela uvele usethole okukhulu ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana njengoba esolwa nangokuthi uthula kakhulu.
Indlela lo mdlali oyinxele anyiwa yisikimu ngayo icishe ibe yihlazo. Kwaze kwabuyiswa uDeon Hotto obedlala esiswini ukuzovala isikhala emuva ekhona.
Nasemuva maphakathi nenkundla kuze kwaba uThabiso Sesane uzibambela indawo ngaphambi kwakhe.
