EzintshaOrlando Pirates

UMichael Morton uveza ageje ngakho u-Ouaddou ehlulwa eCongo

Lo mphumela ufake iPirates enxakanxakeni embi, futhi kubukeka isifike ekupheleni komkhankaso wayo weCaf Champions League. 

Ukuze iqhubekele esigabeni samaqoqo, kuzomele inqobe ngo 4-0 kuyaphezulu emdlalweni womlenze wesibili ekhaya ngoMgqibelo. 

Okunye okungayibeka ethubeni wukuthi inqobe ngo 3-0, bese inqoba sekukhahlelwa amaphenathi. Kokubili kuwumqansa impela. 

UMichael Morton – owaqala ibhola elikhokhelayo kuyo iBucs – uthe akafuni ukuqhathanisa u-Ouaddou noJose Riveiro ofake leli qembu esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu ngesizini edlule.

Kodwa uthi kukhona lo mqeqeshi odabuka eMorocco okwisizini yakhe yokuqala kwiPirates angakufunda kulo waseSpain.

“Kunento eyodwa engiyiqaphelile – yize ngingafuni ukuqhathanisa u-Ouaddou noRiveiro,” kusho uMichael Morton. 

“Kodwa into eyodwa abeyenza uRiveiro nemenze waba nempumelelo e-Afrika ukuthi uma sisekuhambeni ubevame ukusetha iqembu ngendlela egxile ekuvaleni emuva.

“Bekunezikhathi la, ikakhulukazi ngasekupheleni komkhankaso weChampions League ubedlala ngabadlali abaningi emuva, bese ehlasela ngokuzumisa. 

“Ubesuke efuna ukudlalela ukuthi singahlulwa noma siwuntshontshe umphumela uma kuvuma – okuyiqhinga elihle kakhulu ekuhambeni.

“Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela yokwenza leyo e-Afrika uma usekuhambeni. Ukudlala ngokuvuleleka kuyingozi njengoba kwenzekile kulowa mdlalo.

“Ebholeni leCaf kumele wazi ukuthi kwesinye isikhathi ukudlala ngokulingana ekuhambeni kuwumphumela omuhle kakhulu.” 

Sekocaca ngoMgqibelo ukuthi eziMnyama zizokwazi yini uukujika izinto kulo mdlalo obukeka usuzilahlekele.

Kodwa ngaphambi kwalokho, zinomdlalo weBetway Premiership nePolokwane City e-Orlando Stadum ngoLwesithathu – uqala ngo-7.30 ebusuku.