
UVan Wyk udalula okumshiyise e-Europe ajoyine iSundowns
Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, u-Antonio van Wyk, useveze okwenze adikile iphupho lase-Europe abuyele kuleli.
Uthi umlando wale kilabhu nokujwayela kwayo ukunqoba izindebe yikho okumenze wanquma ukushiya e-Europe abuyele eNingizimu Afrika.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usayine kwiSundowns esuka eqenjini lase-Austria iSV Ried, lapho edlale khona iminyaka emibili.
Ngesizini edlule udlale imidlalo yeligi engu-30, kodwa wakhetha ukubuyela ekhaya ukuze aqhubekisele phambili umsebenzi wakhe.
Ekhuluma kwiSundowns Pitchside Podcast, lo mdlali owazakhela igama kwiStellenbosch FC uthe ithuba lokulwela izindebe njalo ngesizini yilona elamheha kakhulu.
“Umlando weSundowns nezindebe enqoba njalo yikho okwangenza ngafuna ukujoyina le kilabhu.
“Lapha cishe uqinisekiswa ukunqoba indebe eyodwa noma ezimbili njalo ngesizini,” kusho uVan Wyk.
“Njengomdlali ufuna umsebenzi wakho ugcwale izindebe nempumelelo.
“Ngabona ukuthi uma ngingahlali e-Europe, isinyathelo esifanele kwakuwukujoyina ompetha base-Afrika.”
Uthe wamukelwe kahle ngesikhathi efika kwiSundowns futhi usakujabulele ukuqala impilo entsha.
U-Anthonio Van Wyk uthe umgomo wakhe omkhulu ukusiza iMamelodi Sundowns ibuyise isicoco seBetway Premiership.
Ufisa nokuba nesandla ekutheni baphinde bengeze inkanyezi yesithathu kwibheji lekilabhu ngokunqoba iCaf Champions League.
“Uma ubheka ibheji leqembu ubona izinkanyezi ezimbili. Mina ngifuna sisize iqembu lithole eyesithathu.
“Lokho kungaba yimpumelelo enkulu kakhulu,” kuqhuba yena.
- FUNDA NALA | Adayiswe wonke amathikithi owePirates
U-Anthonio Van Wyk ube ngumdlali wokuqala ukusayiniswa yiMamelodi Sundowns kuleli windi ngaphambi kokufika kukaSiyanda Ndlovu osuka kwiGolden Arrows.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
