
UNuno Santos uphawula ngokubingelewa ngenduku kwiDowns
Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, uNuno Santos, uchaze umdlalo wakhe wokuqala njengosuku lwenjabulo nendumalo.
Uthi umshiye enemizwa exubene ngemuva kokuthi iSundowns ihlulwe ngo 1-0 yiGolden Arrows eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu.
Lo mdlali wasesiswini odabuka ePortugal oneminyaka engu-26 ubudala, ujoyine esuka kwiVitória Guimarães ngosuku lokugcina likudayiselana ngabadlali kwiPSL.
Ungene ekuqaleni kwesiwombe sesibili, ethatha indawo kaJayden Adams obengenawo umdlalo omuhle.
“Kube nemizwa exubile ngoba bengifuna ukuqala ngokuwina. Ngeshwa, asikwazanga ukukwenza lokho.
“Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngijabule ngokudlala okokuqala. Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu, sizame konke ukuthola amaphuzu amathathu.
“Okudabukisayo ukuthi asikwazanga. Sizozama futhi emdlalweni olandelayo,” kusho uNuno Santos.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ube esephawula nangokuthi ulibone linjani izinga leBetway Premiership, kanti uthi iyinselelo ehlukile kuye.
“Kusetshenziswa amandla, nemizwa kakhulu. Kube nezikhathi lapho iqembu lidlale kahle kakhulu.
“Ngingumdlali ohlale enikela ngakho konke, ecabangela ngeqembu hhayi mina. Ngizwe ukwesekwa okukhulu ngabalandeli, ukwamukelwa kube ngokumangalisayo.”
FUNDA NALA | Usehlukene nezidakamizwa owaduma kwiChiefs
UNuno Santos bekungeyena yedwa odlale okokuqala kwiSundowns kulo mdalo. UKatlego “Tsiki” Ntsabeleng noBennet Mokoena nabo bababonakale okokuqala besuka ebhentshini.
