EzintshaKaizer Chiefs

Owodumo kwiKaizer Chiefs usebheke isiqalo esisha

Lo mdlali, oseke wagijima nakwi-Upington City, iSwallows FC neBidvest Wits usephumile esikungweni esisiza abaxakwe yizidakamizwa, iHope of Achievers Rehabilitation Centre. 

USekgota, owazalelwa eMoletji, eLimpopo wangena kulesi sikhungo esizinze eSegwashi khoan eLimpopo ezinyangeni ezine ezidlule.

Izinkinga zalo mdlali wasophondweni osheshayo zaqala ngoJuni 2024 ngesikhathi iStellenbosch FC imkhulula ngenxa yokungaziphathi kahle esahlale izinyanga ezine kuyo.

USekgota wabe esethuthela ekilabhini yesigaba sokuqala, i-Upington City, ngaphambi kokuthi abaphathi beqembu bamkhuthaze ukuba ayongena kulesi sikhungo.

Ngemuva kwempi yezinyanga ezine ephazamise umsebenzi wakhe webhola, uSekgota uthi manje uzizwa ehlanzekile, esesimweni esihle, futhi esekulungele ukwakha kabusha impilo yakhe.

“Ngifuna ukuxolisa kubalandeli, umndeni wami nabangane bami,” ucashunwe esho kanje uSekgota kwiSunday World

“Nginiphoxile lapho ngizivumela ukuthi ngiphazanyiswe ukusebenzisa izidakamizwa. Bekuyisahluko esimnyama kunazo zonke empilweni yami.

“Kodwa ngiyabonga ngaleli thuba lesibili esengilinikeziwe,” kwengeza uSekgota oneminyaka engu-28 ubudala.

Uvumile ukuthi ukuziphatha budlabha kwakhe kubaphoxile labo abakholelwa kuye. 

Kodwa ngemuva kokwelashwa okujulile nohlelo oluhlelekile, lo mdlali wasesiswini onekhono elihle uyazethemba ukuthi uzovuselela umsebenzi wakhe.

“Ibhola liyinto engiyithanda kakhulu, futhi ngifuna ukulihlonipha nawo wonke umuntu obeme nami ngesikhathi sokuduza kwami. 

“Ngifuna ukukhuthaza abanye okungenzeka babhekene nezinkinga ezifanayo. Uma mina ngikwazile ukuvuka ngizithathe, nabo bengakwenza,” kwengeza yena.

Umnikazi wesikhungo, uWatson Luandi, udalule ukuthi ukululama kwale nsizwa eke yagijima kwiKaizer Chiefs bekudinga izinyanga ezine. 

Uqhube wathi sekunamakilabhu amahlanu asevele abuze ngokutholakala kwakhe. “Kukhombisa ukuzibophezela kwakhe ekushintsheni impilo yakhe. 

“Ubesebenza ngokuzikhandla ukubuyela esimweni sokulungela ukudlala futhi maduze uzobuyela enkundleni uma esethathe isinqumo ngeqembu azolijoyina,” kusho uLuandi.