
U-Kerr uthi ‘zinkoqoba’ abeDowns, ngeke besalunga phesheya
– Sibongiseni Gumbi
Owayengumqeqeshi weMoroka Swallows, uDylan Kerr, uthi abadlali ababili beMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena noRonwen Williams sebebadala kakhulu ukuthi bangafudukela e-Europe.
UDylan Kerr useke waqeqesha amaqembu ambalwa ePremier Soccer League okukhona kuwo iSwallows, iMarumo Gallants neMpumalanga Black Aces.
Ekhuluma neGOAL lo mqeqeshi wase-England uthe uMokoena, oneminyaka engu-27 noWilliams, oneminyaka engu-32 bekumele bahambe baye e-Europe eminyakeni emihlanu edlule.
“Angiqondile ukungahloniphi uRonwen (Williams), uTeboho (Mokoena), nabanye…
“Kodwa ngicabanga ukuthi sebebadala kakhulu manje ukuthi bangaya e-Europe.
“Kwakufanele ukuthi bahambe besebancane, beneminyaka engaphansi kuka-25,” kusho uDylan Kerr.
“UWilliams nabanye abadlali bePSL basezingeni eliphezulu kodwa sebedlulelwe yisikhathi sokuya phesheya.
“Angicabangi ukuthi kukhona (kwiPSL) osekulungele ukuya phesheya uma ngikhuluma iqiniso.
‘Sengibuke i-PSL iminyaka engaphezu kweyisithupha manje futhi ngeke ngikwazi ukukhomba umuntu oseneminyaka engaphansi kuka-25 ongafike enze okuyikho e-Europe.
“Njengoba ngishilo, (ubufakazi), uMakgopa ngabe udlala kwi-EPL, ukube waya eDenmark ngesikhathi kunezidingo.
“Ngakho-ke, kufana nokuthi bonke abadlali bayesaba ukunyakaza ngokushesha,” kusho lo mqeqeshi owake waqeqesha iBlack Leopards.
OMokoena noWilliams bashaye into ecokeme kwiSundowns neBafana Bafana futhi bamataniswa nokuya e-Europe.
UMokoena kuthiwa ufunwa awaphesheya kanti ne-Al Ahly iyamfuna, kodwa akukho sicelo esisemthethweni esesike safika kwiDowns.
UKerr ukholelwa ukuthi ithalente elisakhula kuleli lidinga ukuvezwa e-Europe kusenesikhathi.”
Ngaphandle kukaWilliams noMokoena, uKhuliso Mudau ungomunye umdlali weSundowns okhonjwa e-Europe.
OLUNYE UDABA: Ukhala ngehaba ‘ngempi’ kaSeema noWebber kwiSekhukhune
Lo mdlali wasemuva useneminyaka engu-28 futhi angase angawahehi amakilabhu kumaligi amakhulu ngenxa yeminyaka.
