Ezintsha

IChiefs neDowns badedele abe-Under 20, iBucs akucaci

Lo mqhudelwano uhlelelwe ukuba se-Egypt phakathi kuka-Ephreli 27 noMeyi 18, izinsuku ezingekho ngaphansi kwekhalenda lemidlalo yeFifa.

Lokhu kusho ukuthi amaqembu awaphoqelekile ukudedela abadlali bawo.

Futhi kushiye umqeqeshi waMajita uRaymond Mdaka ephethwe yikhanda elibi njengoba engakwazi ukuthola ezinye zezihlabani zakhe.

Abadlali abathathu abebebhekwe kakhulu kuleli qembu, abaqokwe nguMdaka ngukaputeni u-Asekho Tiwani, uMfundo Vilakazi noMbekezeli Mbokazi.

Bobathathu laba badlala emaqenjini amakhulu akuleli iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngokulandelana.

Nokho kuvela ukuthi iSundowns isivumile ukuthi uTiwani ongukaputeni weqembu lika-Under 20 angahamba nalo.

Amakhosi nawo enze okufanayo ngoVilakazi, ngokubika kweFARPost, kodwa iPirates kubukeka sengathi ikhethe ukungamdedeli uMbokazi. 

UMbokazi useyingxenye ebalulekile yodonga lwasemuva kwi-Orlando Pirates kulo nyaka, futhi cishe ngeke adedelwe. 

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala odlala ngonyawo lwesokunxele emuva uwuqalile umdlalo kwiBucs ngesikhathi ibambana nePyramids ngoMgqibelo koweCaf Champions League. 

Kulindeleke ukuthi aphinde awuqale futhi uma sebedlala owomlenze wesibili ekuhambeni ngoLwesihlanu.

UTiwani, oveze isifiso sakhe sokujoyina iqembu lika-Under 20 ngesonto elidlule, uthe uyaqonda ukuthi isinqumo silele kwiSundowns. 

Ubeyingxenye yeqembu kodwa waqala ebhentshini ngesikhathi iSundowns idlala ne-Al Ahly ngoMgqibelo. 

Nokho uTiwani ungenile ngasekupheleni komdlalo, ethatha indawo ka-Aubrey Modiba.

Kodwa sekuvele ukuthi iSundowns neSafa sebefinyelele esixazululweni ngodaba lwakhe.

Kubikwa ukuthi uTiwani uzohamba neSundowns aye eCairo ukuyodlala emlenzeni wesibili womdlalo wabo ne-Al Ahly ngoLwesihlanu.

Kodwa ngeke abuye neqembu ngemuva komdlalo, yena uzohlala e-Egypt bese ejoyina ozakwabo ekhempini yaMajita.