
U-Ouaddou nethemba ‘ngabalandela’ uMofokeng kwiPirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uthi abadlali abathathu abasanda kunyuselwa eqenjini elikhulu banekusasa eliqhakazile.
Uthi kodwa kuzokwenzeka kuphela uma bezimisele ukufunda njengoba sebeseqenjini elikhulu la izinga liphezulu kakhulu khona.
IPirates isizakhele igama ngokunyusela abadlali abasuka enkulisa yayo abafika eqenjini elikhulu bagile izimanga.
Phakathi kwalabo abazakhele igama kukhona uRelebohile Mofokeng, uMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi, okumanje sebedlala emaqenjini aphesheya kwezilwandle.
I-Orlando Pirates ihambe nabadlali abathathu abavela eqenjini elinqobe iDStv Diski Challenge abasebenza ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou kumanje.
UChristian Derbyshire, uSiphiwe Masilela noMpho “Phopho” Padime basekhempini yeqembu eSpain la lilungiselela khona isizini entsha.
Laba badlali bonke bathole ithuba emdlalweni wokuzilungiselela lapho iPirates ibambane ngo 1-1 neCórdoba CF ngoLwesithathu.
Ekhuluma nowayengumdlali weBucs uMichael Morton, u-Ouaddou uthe ukuvelela kwabadlali abancane kuyingxenye yesiko laleli qembu.
“IPirates yaziwa ngokunika abadlali abancane amathuba. Sikubonile lokho ngoNkota, uMofokeng noMbokazi.
“Nathi njengamanje sifuna ukuqhubeka nalelo siko,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
Uthe bonke laba badlali abathathu bamjabulisile futhi wakhombisa ukuba nethemba elikhulu ngabo.
“Uma ngingabala abangihlabe umxhwele, ngingathi nje bobathathu,” kuqhuba yena.
“UChris (Derbyshire) unamakhono amaningi futhi ngibona enekusasa elihle.
“UPadime unekhono elikhulu lokudlula kubadlali abhekene nabo.
“Kodwa kusafanele simfundise ukuthi abajike nini nokuthi adlale nini ngendlela elula.
“UMasilela unesibindi, unekhono lokubamba kahle ibhola futhi unamandla okuhlupha izimbangi.
“Kodwa naye kusamele afunde ukuthi adlale nini izinto ezilula ngoba udlala endaweni edinga izinqumo ezisheshayo.”
- FUNDA NALA | IChiefs ibuyisele uMako ekhaya
U-Abdeslam Ouaddou uthi laba badlali banalo lonke ikhono lokuphumelela eqenjini elikhulu kwi-Orlando Pirates.
Kodwa okubalulekile wukuthi kuzodingeka baqhubeke nokufunda njengoba bengena ebholeni lesigaba esiphezulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
