EzintshaKaizer Chiefs

UKhan ‘uthiphisa’ iChiefs ngoLorch noSipho Mbule

Bobabili laba badlali babolekisiwe kule sizini ngemuva kokungabi sezinhlelweni zabaqeqeshi kuleli qembu elizinze eChloorkop. 

UThembinkosi Lorch ujoyine iWydad Casablanca, kwathi uSipho Mbule wathunyelwa kwiSekhukhune United kule sizini.

Manje sekunezinkulumo zokuthi iChiefs iyabasabawela futhi ingase izame ukubathola ngewindi elilandelayo lokudayiselana ngabadlali. 

Empeleni nje, iChiefs ike yazama ngoJanuwari ukubolekwa uLorch ngaphambi kokuthi iSundowns inqume ukuposela eMorocco.

Kodwa owayengumqeqeshi weChiefs phambilini, uFarouk Khan, ukholwa ukuthi kungaba yiphutha uma llei qembu lisayina laba badlali yize benekhono elihle.

Ekhuluma kwiSoccer Beat Podcast, muva nje, uKhan uthe laba bobili banezinto eziningi ezingezinhle abahamba nazo.

““Okubalulekile ukuthi iChiefs igcine umoya umuhle eqenjini,” kusho uKhan.

“Ngeke ngibeluleke ukuthi basayine uMbule noLorch noma ngabe batholakala mahhala.

“Laba badlali ababili beza nemithwalo eminingi, bangabadlali abahle, kodwa abakwenzayo ngaphandle kwenkundla kuzoba nomthelela omubi eqenjini.” 

UKhan ukhombe izinkinga ezedlule zookuziphatha kwalaba badlali. Uqhathanise lesi simo nangesikhathi iChiefs isayina uKhama Billiat.

“IChiefs yake yasayina uKhama Billiat esuka kwiSundowns, futhi ungumdlali osezingeni eliphezulu impela.

“Kodwa weza nezinkinga eziningi zangaphandle kwenkundla ayenazo,” kwengeza lo mphathi wenkulisa iStars of Africa.

“Ngakho-ke uma ngibheka lokhu, angibheki nje ikhono nobuhlakani bebhola kuphela, ngiphinde ngibheke isimo sengqondo nokuziphatha.

“Phela iqembu eliqinile lakhiwa ngabadlali abahlonipha umsebenzi wabo ngaso sonke isikhathi.”

UThembinkosi Lorch uhlabe umxhwele kwiWydad la adlala khona ngaphansi kukaRhulani Mokwena. Uze waqokwa njengomdlali ovelele weqembu ngoMashi.

Ifomu yakhe ingamenza abuyele kwiSundowns ngesizini ezayo ayosebenza ngaphansi kukaMiguel Cardoso.

USipho Mbule yena uqale kahle kwiSekhukhune. Kodwa uke waba sematheni ngemuva kokuxabana nobengumqeqeshi waleli qembu uLehlohonolo Seema.

Naphezu kwethalente labo, bobabili laba badlali bake baba sematheni ngezinto ezingalungile abazenza uma bengekho enkundleni.