EzintshaFifa Club World Cup

Sundowns: Ihluliwe, yebo, kodwa isaphila kwiClub World Cup

Lezi ziqhwaga zaseNingizimu Afrika zihlulwe ngo 4-3 yizingqungqulu zaseGermany, iBorussia Dortmund. 

Ngemuva kokuqala kahle, ishaya igoli kuqala, iMamelodi Sundowns izithole isilandela ngemuva ngo 3-1 ngesikhathi sekhefu. 

Kodwa isiwombe sesibili sibe ngcono, futhi yakwazi ukubuya kade sekubukeka izohlazeka, yenza umphumela wahlonipheka. 

Izikhathi Ezibalulekile zomdlalo:
  • 11′: ULucas Ribeiro uvule inkundla ngegoli elihle ngemuva kokudla ibhola qede wagwinya izitobha zeDortmund wangena nazo ebhokisini, wadabula inethi.
  • 16′: UFelix Nmecha ulinganisele iDortmund ngemuva kokuphiwa ihhewa uRonwen Williams.
  • 34′: USerhou Guirassy ubeke lezi zinkunzi zasegermany phambili ngegoli alingqofe ngekhanda.
  • 45′: UJobe Bellingham ushaye igoli lesithathu ngaphambi kancane nje kwekhefu.
  • 59’ UKhuliso Mudau ushaye igoli elibe umkhonto ogwaza ekhaya ngemuva komnyakazo omuhle wokuhlasela weDortmund.
  • 62’ U-Iqraam Rayners ubuyisele iMamelodi Sundowns emdlalweni enza kube ngu 4-2.
  • 90’ ULebo Mothiba usuke ebhentshini wafike wenza umphumela wahloniphea kwiSundowns, eshaya igoli layo lesithathu.  

IMamelodi Sundowns iqede isiza kabi, futhi mhlawumbe ibe nebhadi ukungalitholi igoli lokulinganisa ngasekupheleni komdlalo. 

Ngaleso sikhathi, iDortmund ibambelelile ngokuqinile ukuze ithole ukunqoba okubalulekile kuGroup F ukuze iqhwakele.

Usho ukuthini umphumela walo mdlalo:

IDortmund yiyo esiphezulu kuGroup F ngemuva kompumela ebiwudinga kakhulu ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni wayo wokuqala ibhekene neFluminense.

Amathuba eSundowns asemahle kodwa manje asencike ekutholeni umphumela omuhle emdlalweni wayo wokugcina esigabeni samaqoqo.

Imidlalo elandelayo:

IMamelodi Sundowns izobhekana neFluminense emdlalweni olandelayo ngoJuni 25.

IDortmund yona izovala isigaba samaqoqo ngokubhekana ne-Ulsan HD ngosuku olufanayo.