EzintshaNedbank Cup

BUKA: AbeSharks baqoka abahamba nazo kwiChiefs nePirates

Lo mdlalo wamanqamu weNedbank Cup uzokuba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Kulindeleke ukuthi igcwale phama le nkundla ngemuva kokuthi amathikithi awo edayiswe aphela kungakapheli ngisho ihora engene endalini. 

Ukukhula kwesasasa lalo mdlalo kwengezwe kakhulu wukuthi yingoba uhlanganisa amakilabhu angamakhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. 

Izimpikiswano ngokuthi yiliphi iqembu elizodla umhlanganiso, liphume nendebe sezikade zaqala futhi sezophela ngoMgqibelo ntambama ngemuva komdlalo. 

Nabadlali beCell C Sharks abasalanga ngemuva kuleli sasasa nezimpikiswano ngozonqoba lo mdlalo ozobukwa yizinkulungwane zabantu enkundleni, nezigidi kumabonakude. 

Kwividiyo efakwe yiCell C Sharks ezinkundleni zokuxhumana, abadlali abehlukene babuzwe ukuthi yiliphi iqembu abalibona noma abafisa lidle le ndebe yeNedbank Cup.

Omunye ukhethe ukuhlala ukungazifaki, wathi umdlalo uzophela zibambene nakuba lokhu kungeke kwenzeke njengoba lona kuwumdlalo wendebe futhi kufanele kulalwe ngoMgqibelo kukhona onqobile.

Iningi lalabo abaphendulile kule vidiyo emfushane likhethe i-Orlando Pirates njengentandokazi yabo ukuyinqoba.

Nokho umdlali ogqame kakhulu kuleli qembu leSharks, uSiya Kolisi uhambe neKaizer Chiefs – futhi akuthusi lokhu.

UKolisi ungukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo njengamanje futhi usenqoe iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo amahlandla amabili kulandelana.

Phambilini useke wadalula uthando lwakhe lwaMakhosi athi uvele ukhule engumlandeli wawo futhi kuyena kube yivoti elilula. Buka ividiyo ngezansi: