EzintshaMamelodi Sundowns

Cardoso: Akekho odlula uLucas Ribeiro kwiPSL

Yize emphumuzile lo mdlali waseBrazil emdlalweni wabo wakamuva weBetway Premiership behlula iChippa United, uCardoso uthi uRibeiro usekukhombisile ukubaluleka kwakhe.

ULucas Ribeiro ungene ngemuva kwehora, kodwa uMiguel Cardoso ugcizelela ukuthi ukudlala kahle kwalo mgadli kule sizini kumenza intandokazi yalo mklomelo.

“Ungumdlali ongcono kakhulu kwiligi kule sizini,” kusho uCardoso. “Akagcinanga nje ngokubamba umgqigqo owodwa, kodwa kulo nyaka ukhombise izinga eliphezulu kakhulu.”

URibeiro nguye ohamba phambili ngokushaya amagoli kwiligi ngamagoli angu-13 kanti wakhe ayisikhombisa emidlalweni engu-24.

NgokukaMiguel Cardoso, umthelela kaLucas Ribeiro akumele ubhekwe kuphela ngokubuka izibalo.

“Kwesinye isikhathi abantu balindele ukubona elokhu eqhulule amagoli bese bengayiboni indlela akhuphula ngayo labo adlala nabo,” kuchaza uCardoso.

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi imidlalo yakamuva ibinzima kuRibeiro ngenxa yokuqina nokuncishiswa kwesikhala sokusebenza.

“Manje udlala ngaphansi kwengcindezi eyengeziwe, kuba nabadlali ababili noma abathathu abamgadayo. 

“Kodwa usabambe iqhaza elikhulu eqenjini,” kuqhuba uCardoso.

Onqoba umklomelo woMdlali oVelele kwiPSL uvamise ukuqokwa abaqeqeshi bamaqembu esigaba esiphezulu.

Uma iBetway Premiership iqhubeka kulolu hlelo obelusetshenziswa ngesikhathi seDStv, kuzoba abaqeqeshi abang-15 abazovota.

UMiguel Cardoso ukholwa ukuthi izinombolo zikaLucas Ribeiro nomthelela wakhe eqenjini kuyazikhulumela.

“Ngizwile ukuthi cishe uzoyinqoba, futhi izibalo zakhe ziyakweseka lokho. Amagoli nezinga lakhe – ungumdlali okhethekile.”

Yize embona efanelwe yilo mklomelo omkhulu, uCardoso unxuse lo mdlali ukuthi angakufaki ekhanda lokhu.

“ULucas akadingi ukwenza okungaphezu kwakwenzayo ukubonakalisa. Usevele wenze okwanele. Imiiklomelo izozizela uma imfanele.”