
Sihlonza okwenza i-Orlando Pirates ibe ntekenteke
Ungavusa noma yibaphi abanye abaqeqeshi abangu-15 bamaqembu eBetway Premiership ubabuze ukuthi izobophela kanjani i-Orlando Pirates emdlalweni olandelayo bakutshele.
Futhi lokhubangakwenza ngaphandle kokungabaza. Yileyo ndlela i-Orlando Pirates osekulula ngayo ukuyihlonza muva nje.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto ziyiqale kahle isizini, futhi bekunomncintiswano omkhulu kuzo zonke izindawo eqenjini.
Kodwa njengoba isizini iqhubeka, futhi iqembu likhulule abadlali abambalwa ngokubabolekisa, libonakala libuthakathaka.
Abadlali abafana noMiguel Timm banyamalele eqenjini futhi azikho izincazelo zokuthi kungani bengaseyona ingxenye yesikwati sosuku lomdlalo.
UTimm ubeyingxenye enkulu yeqembu, enikeza ukuzethemba eqenjini ngokudlala kwakhe okunolaka phakathi nenkundla.
Kungaba yiqiniso yini ukuthi uyahamba ekupheleni kwesizini?
UMonnapule Saleng naye ubeyikhongco ebalulekile ngekhono lakhe lejubane enza izimbangi zingakhululeki uma esebholeni.
Kodwa naye ubekwe eceleni futhi akukho ncazelo efanele eseyenziwe esidlangalaleni okwamanje.
Iqembu njengamanje libukeka lizacile futhi kulula ukuliqagula, futhi lokhu kubonakala ngemiphumela yakamuva.
I-Orlando Pirates ayinalo ulaka emidlalweni yayo muva nje, kanti umqeqeshi wayo uJose Riveiro ubukeka enganandaba nje.
Kungaba yiqiniso yini ukuthi uyahamba ekupheleni kwesizini? Inkontileka yakhe kukholakala ukuthi izophela ngoJuni.
Futhi uphumelele kakhulu uma ubheka akuzuze kwiPirates kusukela efikile.
Yisicoco seligi neCarling Knockout Cup kuphela okusamhlulile eminyakeni emibili nesigamu ekeleli qembu lodumo.
Usakhona emjahweni weCaf Champions League, kodwa ukudlala kwakamuva kushiya imibuzo eminingi engaphenduleki nokungabaza.
Abadlali babukeka bengazimiseli ngendlela elindelekile, okwenza kucace ukuthi asikho isitolobho esike sivuke uma bengenzile kahle – abathethiswa.
Batotoswa kakhulu. Futhi kungathi bancengiwe ukuthi badlale. I-Orlando Pirates bekubhekwe inike iMamelodi Sundowns inselelo kweseligi.
Kodwa manje sekubukeka lezi ziqhwaga zasePitoli zizophinde zizidlele lesi sicoco kalula ngaphandle kokbangiswa.
Angisho ukuthi ngithini, kodwa kunuka santungwana laphaya ekhempini yeZimnyama, futhi uma kungalungiswa, kuzoba mnyama kakhulu.
