
Ezingezinhle ngoNgezana obeza kahle kwiBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
USiyabonga Ngezana ulimale kanzima ngesikhathi eseqala ukukhula ekilabhini yakhe naseqenjini lesizwe.
UNgezana ubeqhuba kahle kwiFCSB nakwiBafana Bafana kodwa manje akadlali kulandela ukulimala umsipha.
Ukulimala kusho ukuthi uzophuthelwa imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezayo.
UNgezana ubeyiqale kahle isizini entsha. Usize iFCSB yanqoba iRomanian Super Cup.
Ubuye wabamba iqhaza elikhulu emidlalweni yokuhlungela ukungena kwi-Europa League.
Lo mdlali wasemuva okhuliswe yiKaizer Chiefs ubesanda kubuyela kwiBafana Bafana.
Uyidlale yomibili imidlalo iBafana ibhekene ne-Uganda neSouth Sudan emzuliswaneni wokuqala wokuhlungela i-Afcon.
Kodwa selokhu ebuyile, uNgezana akakaze adlale kwiFCSB. Ubesebhentshini bebhekene neCFR Cluj.
Nokho ushiywe ngaphandle eqenjini losuku lomdlalo edlale nePetrolul Ploiesti.
UNgezana ukhona kubadlali abangu-32 umqeqeshi weBafana Bafana azoqoka kulo iqembu lakhe elizodlala neCongo Brazzaville ngenyanga ezayo.
Kodwa ukulimala kwakhe kwakamuva kuzokwenza ashiywe ngaphandle uma sekuqokwa elabadlali abangu-23.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala kulindeleke ukuthi angadlali inyanga yonke.
