EzintshaOrlando Pirates

Sicacisa eyokungabi khona kukaMabasa kweleBucs

Akungabazeki ukuthi abalandeli be-Orlando Pirates bebekubheke ngabomvu ukubona umgadli uTshegofatso Mabasa ngeSonto.

Lokhu kulandela ukuthi emdlalweni odlule esize leli qembu libhudluza iMarumo Gallants ngo 8-1.

UMabasa washaya amagoli amathathu kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngempelasonto edlule.

Kodwa njengoba iPirates idlala umdlalo wayo wokugcina kulo nyaka, uMabasa akekho ohlwini lwabadlali balo mdlalo.

IPirates izogadulisana neMagesi FC e-Old Peter Mokaba Stadium emdlalweni wayo wokugcina obhekwe ngabomvu.

Phela egcina ukuhlangana lamaqembu, iMagesi yacishe yayihlaza iPirates, iyishaya ngo 3-2 emdlalweni weCarling Knockout Cup. 

IBucs yake yazithola ihubha u 3-0 kuyiwa ekhefini, nokho yalivika ihlazo esiwombeni sesibili futhi yacishe yawujika nomphumela. 

Manje lo mdlalo ngumdlalo wamagqubu futhi ubhekwe kakhulu kule yokugcina kulo nyaka ka-2024 obunezigemegeme zijabulisayo. 

Esikhundleni sikaMabasa – obeqala umdlalo okokuqala kule sizini – kubuyele u-Evidence Makgopa.

Abalandeli sebeqalile ke ukukhala njengoba abanye bebefisa kuqale uBoitumelo Radiopane kule ndawo njengoba engekho uMabasa.

UMabasa akekho nasebhentshini njengoba emisiwe kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesine emdlalweni odlule. 

Zibophele kanje kulo mdlalo: 

  • Pirates: Chaine – Van Rooyen, Mako, Sibisi, Sesane – Nkota, Mofokeng, Dlamini, Makhaula, Mbatha – Makgopa

Ebhentshini: Buthelezi, Radiopane, Moleleki, Rasebotja, Maswanganyi, Xoki, Tshobeni, Viera, Monyane.

  • Magesi: Chipezeze, Mashigo, J. Mokone, L. Mokone, Makgoga, Darpoh, Baloyi, Masegela, Makhubu, Rademeyer, Kakora.

Ebhentshini: Tshabalala, Matsemela, Komape, Mzava, Motupa, Njoti, Sekgota, Seroto, Matima.