EzintshaOrlando Pirates

BUKA: I-TLB isikha nasebumnandini

Kule vidiyo uMbokazi uhlezi nomculi odumile kuleli, uBig Zulu nabanye okukhona kubo abakamaMsanda oQuality Biyela nabanye. 

Kule ndawo abahlezi kuyo ibukeka iwumuzi othile kanti kukhona iziphuzo ezidakayo phambi kwabo, namantombazane. 

Kubizwa ingoma kanti kuyabonakala ukuthi kumnandi impela kule ndawo. Naye u-TLB ube esebonakala emoyizela kulo mcimbi.

Okucike kakhulu abasondelene naye – abakhulume neLisenethini ngombandela wokungadalulwa – wukuthi indondo yakhe yeMTN8 igaxwe uBig Zulu.

Bakhale ngokuthi le ndondo akakayisi nasekhaya kubo njengoba eseyinika abantu ematshwaleni nje bashuthe ngayo ekubeni ngeyokuqala kuye eseqenjini elikhulu kwiPirates. 

“Ingiphula umoya lento engiyibone kule vidiyo. Lo mfana angazi ukuthi yini nje ayifuna la kunotshwala namantombazane khona.

“Le mpilo ayiyona eyomdlali webhola elikhokhelayo. Izomheha, agcine eselibala wukuthi yena akayena umculi noma usaziwayo, kodwa ungumdlali.

“Ngidumele nje impela nangokuthi nendondo yakhe seyilengiswe oBig Zulu ingakayi ekhaya kubo iyolengiswa ugogo wakhe omkhulisile,” kusho lo mthombo. 

UMbokazi – oteketiswa ngelika-TLB – udlale ibhola elihle kulamazonto ambalwa edlule kusukela kwiBafana Bafana nakwiPirates ngesikhathi inqoba iMTN8. 

Omunye umthombo uthe usemcebile komalume bakhe okuthiwa yibo abamqondisayo ukuze bamkhalime angaze ayijwayele le mpilo yobumnandi ngoba iyalingana. 

Zibukele wena le vidiyo lapha ngezansi: