Afcon 2024Ezintsha

Seyimuncu kuleli, kodwa isaqhubeka i-Afcon

Iseminingi imidlalo elandelayo okulindeleke ibe sezingeni eliphezulu futhi ijabulise kakhulu ngebhola elihle.

Namuhla ngoMsombuluko ziholwa eqhulwini ngowe-Egypt neBenin okungangabazeki ukuthi uzoshuba kakhulu. 

I-Egypt iqede phezulu eqoqweni layo obekukhona kulo iBafana, iWarriors yaseZimbabwe nePalancas Negras yase-Angola.

Yize kubonakale kulula kuyo ukudlula kuleli qoqo, kodwa ayizange ikhombise izinga elikhomba ukuthi ingaba ngompetha balo mqhudelwano.

Isiwunqobe amahlandla amaningi kunawo wonke amanye amazwe – isiyinqqobe amahlandla ayisikhombisa. 

Ngemuva kwalo mdlalo wayo neBenin ozoqala ngo-6 ntambama, kuzobe sekulandela oweNigeria neMozambique, nawo okubhekwe ube sezingeni eliphezulu.

Amaqembu ezizogadulisana ngawo kowe-Egypt neBenin asekhishiwe kanti ziqiniselene impela.