EzintshaKaizer Chiefs

Selikhale kowesibili izembe likaDa Cruz kwiKaizer Chiefs

I-Kaizer Chiefs isiqhubekile nokukhuculula isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership ngaphansi kukaFernando Da Cruz.

Amakhosi aqinisekise ngoLwesine ukuthi uHappy Mashiane usehlukene neqembu ngemuva kokuba zombili izinhlangothi zivumelene ngokuqeda inkontileka yakhe.

Lokhu kumenza abe ngumdlali wesibili ukudedelwa kungakapheli amahora angu-24.

Lo mdlali odabuka eTembisa wajoyina izinhlelo zentsha zeKaizer Chiefs esemncane ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini elikhulu ekuqaleni kuka-2019.

Yize eke wakhombisa ikhono lakhe ngezikhathi ezithile, uMashiane wehlulekile ukuzakhela indawo eqenjini lokuqala.

Ngesizini edlule ubebolekiwe kwiSiwelele FC eveze ukuthi iyafisa ukumgcina kodwa uma izomthola mahhala.

I-Kaizer Chiefs iqinisekise lezi zindaba ngesitatimende esifushane esishicilele ezinkundleni zayo zokuxhumana ngoLwesine ntambama.

“Isitobha seKaizer Chiefs uHappy Mashiane usehlukene neqembu ngemuva kokuba zombili izinhlangothi zivumelene ngokuqeda inkontileka yakhe,” kusho leli qembu.

“Siyambonga kakhulu uHappy ngeqhaza alibambe kuMakhosi futhi simfisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe.”

Ukuhamba kukaMashiane kulandela okomdlali wasesiswini uGeorge Matlou, odedelwe ngoLwesithathu ngemuva kokuchitha iminyaka emine kuleli qembu.

Ngokushesha ngemuva kokumenyezelwa kokuhamba kwakhe, uMashiane uhehe amehlo abalandeli ngesikhathi eshintsha zonke izithombe zakhe ezigqoke ijezi le-Kaizer Chiefs.

Zonke izithombe zakhe ezinemibala yeChiefs kwi-Instagram uzenze zaba ngumbala omnyama nokumhlophe okuvamise ukwenziwa ezimweni ezinzima.

Kulindeleke ukuthi kube nabanye abadlali abazolandela njengoba uFernando da Cruz eqhubeka nokwakha iqembu afuna ukulisebenzisa ngesizini ezayo.