
ElaseGermany nezinhloli elilandela uMofokeng
I-Orlando Pirates ingase ibhekane nomsebenzi onzima wokugcina esinye sezihlabani zayo njengoba kuvela ukuthi kuneqembu laseGermany elicathamela u-Relebohile Mofokeng.
Lo mdlali osemncane, osehehe amehlo abaningi ngesizini edlule, kubikwa ukuthi uqashwe yiBayer Leverkusen kusukela engxenyeni yesibili yesizini edlule.
Intshisekelo yaleli qembu isikhule kakhulu ngenxa yendlela adlala ngayo kwiNdebe yoMhlaba.
Kubikwa ukuthi izithunywa zeLeverkusen zaze zaya eMexico ngenhloso yokuzibona mathupha uMofokeng ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neMexico.
Nokho, zadumala njengoba engazange anikwe ithuba lokudlala kulowo mdlalo. Kodwa lokho kwashintsha emdlalweni olandelayo.
Ngesikhathi enikwa ithuba bebhekene neCzechia, u-Relebohile Mofokeng uveze ikhono elimangalisayo, wadlala ngesibindi, ngesivinini nangobuhlakani.
Kuthiwa kuqinise kakhulu isifiso seLeverkusen sokumsayinisa, yabe seyimlandela nangesikhathi bebhekene neSouth Korea.
- FUNDA NALA | IChiefs seyethule umqeqeshi omusha wonozinti
Njengoba iBafana isiqophe umlando ngokudlulela esigabeni sokuhlunga okokuqala ngqa, uMofokeng usethole elinye ithuba elikhulu lokuzikhangisa phambi kwamaqembu ase-Europe.
Uma eqhubeka nokudlala ngendlela kahle, iPirates ingase iphoqeleke ukuthi igcine imdedelile ahambe ayodlala kwiBundesliga.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
