Betway PremEzintsha

Kuvela ‘iqiniso’ ngokuxabanise uKaze neSekhukhune

Ukuhlukana kuka-Cedric Kaze ne-Sekhukhune United kungase kube sekuphelile ngokusemthethweni, kodwa sekuvele okwenzeke ngemuva kwezigcawu okuholele ekuhilaneni. 

ISekhukhune imemezele ukuthi uKaze usehlukene nayo, njengoba bobabili bevumelene ngokunqanyulwa kwenkontileka yabo.

Kodwa ngokubika kwentatheli uMicky Junior, izinkinga zaqala cishe ngosuku lokuqala uKaze afika ngalo kuleli qembu.

“UKaze ngesikhathi efika waqala walala kusofa emzini wemenenja yeqembu amahora amaningi ngaphambi kokuthi ayiswe ehhotela,” kusho umthombo.

Lo mthombo uphinde wathi uKaze wake wamiswa ngaphakathi ekilabhini ngemuva kokwenqaba ukudlala eminye imidlalo yobungani.

Kuthiwa kube nezinye izinkinga eziphathelene nokwakhiwa kabusha kweqembu.

“UKaze akuyena obeqoka iqembu eliqala umdlalo esikhathini esiningi,” kuqhuba le nsizwa.

“Uhla lwabazoqala umdlalo belunikwa amaphini akhe ukuze aludlulisele kuye, bese kufakwa ingcindezi kuye ukuthi asebenzise lona.”

Uthi u-Cedric Kaze waze watshelwa emehlweni ukuthi akumele aphikise izinqumo zabaphathi kwi-Sekhukhune United uma efuna ukuhlala.

“Watshelwa ukuthi awukwazi ukuphikisa okushiwo ngumphathi lapha,” kuqhuba yena.

UKaze kubikwa ukuthi naye wabhekana nenselelo yokwakha kabusha iqembu ngemuva kokuhamba kwabadlali ababalulekile.

“Cishe abadlali abayisithupha ababalulekile besizini edlule bahamba. 

“UKaze kwadingeka akhe kabusha iqembu ngabadlali ayenabo futhi wacela ukuthi kubekezelwe,” kusho le ntatheli.

Kuphinde kwaba nenkinga ngomqeqeshi we-strength and conditioning.

Uthi lo mqeqeshi washiya iSekhukhune waya kwiSimba SC eTanzania.

“UKaze wacela kaningi ukuthi kuqashwe omunye umuntu, kodwa ikilabhu ayizange iqashe. 

“Kwadingeka ukuthi naye enze eminye yaleyo misebenzi,” kusaqhuba yona le nsizwa.

Ngokusho kwayo, inkontileka kaKaze ibinezilinganiso zokusebenza obekumele zibhekwe ngemuva kwemidlalo eyishumi.

Kodwa kuthiwa ukugxambukela kwaqala ngaphambi kwalokho.

“Inkontileka yakhe ibinezinto obekumele zihlolwe ngemuva kwemidlalo eyishumi, kodwa ukugxambukela kwaqala emidlalweni embalwa nje.”

Omunye wemiyalelo okuthiwa wanikwa uKaze ubuphathelene ne-Orlando Pirates.

“Watshelwa ukuthi kumele anqobe i-Orlando Pirates ngazo zonke izindlela.

“Lokhu ngoba iSekhukhune yayike yanqoba iPirates ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi wangaphambilini,” kusho yena.

Uthi izinkinga zanda kakhulu ngemuva kwezigcawu.

“Bekunezinkinga eziningi ezibucayi ezenzeka ngemuva kwezigcawu, abantu ababili okuyibo ikakhulukazi abebebandakanyeka.”

U-Cedric Kaze bekulindeleke ukuthi afune yonke imali okumele ayithole kwi-Sekhukhune United ngokwesivumelwano senkontileka yabo.

“UKaze angayisa lolu daba kwiFIFA uma amalungelo akhe engahlonishwa,” kusho uMicky Junior.

Kuthiwa abanye abaqeqeshi bake bamxwayisa uKaze ngaphambi kokuba amukele umsebenzi kwiSekhukhune.

“Abanye abaqeqeshi bamxwayisa ngokuthi akazange axhumane nabantu ngokwanele ngaphambi kokwamukela lo msebenzi. 

“Bakholwa ukuthi lokho kwaba yiphutha lakhe elikhulu,” kuqhuba yena.

Ngemuva kokugabha uKaze, iSekhukhune iqoke uPapi Zothwane ukuthi aqhubeke nomsebenzi elekelelwa uPaulos Masehe.