EzintshaKaizer Chiefs

Kungani ngingeke ngicele umsebenzi kwiChiefs – Mosimane 

Futhi kulula ukuqonda ukuthi kungani. Irekhodi lokuqeqesha likaPitso Mosimane liyazikhulumela. 

Kodwa lo mqeqeshi usedalule ukuthi kungani engeke asifake isicelo somsebenzi kwiKaizer Chiefs yize okwamanje engenaqembu. 

IChiefs ihlukane noNasreddine Nabi ngasekuqaleni kwale sizini, okushiya abebengamaphini akhe uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze bebambile.

Kukholakala ukuthi abaphathi baleli qembu laseNaturena basacinga umqeqeshi ofanele ozonikwa lo msebenzi. 

Ekhuluma kwiGame On With Thabiso Mosia kwiRadio 2000 kuleli sonto, uMosimane uchaze ukuthi kungani engeke athumele iCV yakhe eNaturena.

“Kufanele ukhumbule ukuthi kuleli zinga esengikulona, angisifaki isicelo somsebenzi mina futhi lokho akungoba ngizazisa. 

“Kumele sihlanganiswe wuhlelo olufanele futhi kufanele ungibonise izinhlelo zakho uma ungidinga,” kusho uMosimane.

“Njengoba ngikhuluma nawe namuhla, kungenzeka ukuthi noma nini kusukela manje ngithole iqembu elisha. 

“Cishe njalo ngemuva kwamaviki amabili, kuba neqembu eliqhamukayo libuze ukuthi singasebenza yini ndawonye.

“Ngiqonde ukuthi, awukwazi ukungitshela ukuthi e-Afrika alikho iqembu engingakwazi ukuliqeqesha. 

“Kodwa kufanele kube okulungile futhi kube inselelo entsha kimi,” kusho lo mqeqeshi oqinise igama lakhe kwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly.

UMosimane unamakilabhu amaningi angaphandle kwezwe amfisayo, kodwa uthi usengabuya eNingizimu Afrika uma kuvela ithuba elifanele. 

“Angikwazi ukuthi ngingathi ngeke ngiphinde ngiqeqeshe ekhaya. Ngingaqeqesha noma yiliphi iqembu kuleli.

“Kodwa lelo qembu kumele lingibonise ukuthi kungani ngidinga ukuza lapha nokuthi yini izinhloso zalo,” kwengeza yena.

UPitso Mosimane ukubeke kwacaca ukuthi uma iKaizer Chiefs imfuna kuzomele ithathe isinyathelo sokuqala.