UMcCarthy akamuzwa kahle namaje uBroos kwiBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Ingwazi yaseNingizimu Afrika uBenni McCarthy, isiveze ukulingabaza ikhono likaHugo Broos lokuyisa iBafana Bafana ezingeni elilandelayo.
Muva nje, lo mqeqeshi waseBelgium usize iBafana Bafana ukuthi ingene kwi-Africa Cup of Nations ka-2023 ebise-Ivory Coast.
Ifike yenza kahle kulo mqhudelwano, yaze yagcina ilale isithathu obese kuyinto ekade yagcina ukwenzeka kuleli qembu.
NgoLwesihlanu, iBafana iqophe umlando inqoba ngo 5-0 kwiCongo emdlalweni wokuhlungela i-Afcon obuseNelson Mandela Bay Stadium.
Leli qembu nalo lisesimweni esihle sokubuyela eNdebeni yoMhlaba yeFifa okokuqala kusukela ngo-2010.
Naphezu kwebhola elihle nemiphumela encomekayo, uMcCarthy uyangabaza ukuthi lo mqeqeshi oneminyaka engu-72 ubudala angasiza iBafana ibe yiqembu eliphambili.
“Yisizukulwane esihle sabadlali, abadlali abaningi bancane futhi bayangena kwiBafan,” kusho uMcCarthy kwi-On The Whistle Podcast.
“Ngakho lokhu yithuba elikhulu kwiBafana. Bebeneqembu labadlali abanekhono (kwi-Afcon) futhi bazithola besesimweni esihle sokuba emdlalweni owandulela owamanqamu.
“Kukhona ukushoda okuncane lapha nalaphaya, kodwa ngoba yiBafana kumele ukwamukele lokho.
“Phela eminyakeni embalwa edlule beyingekho ndawo, ayizange ingene eNdebeni yoMhlaba, futhi nje beyiyizehluleki zoqobo.
“Ngakho-ke, ukuthi ihambe yaze yafika kowamanqamu kwi-Afcon yinto enhle,” kuqhuba uMcCarthy.
Nokho le nkakha ibona sengathi iBafana isenza kancane uma ibheka abadlali abakhona njengamanje, ubona kumele ngabe isikude kakhulu ngokwezinga.
“Ngicabanga ukuthi ngezinga labadlali okumele (uBroos) aqoke kubo, kumele ngabe sebephezulu kakhulu.
“Angazi noma banomqeqeshi ofanele yini, uma kungenjalo, noma ngabe ubani ozothatha lowo msebenzi ngethemba ukuthi uzobanyusela ezingeni elifanele laba badlali.”
IBafana iseqhulwini kuGroup K emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2025, futhi njengamanje yiyo ezihola phambili kuleli qoqo.
Uma kwenzeka bephinda benqoba kwiCongo ngoLwesibili, bazobe sebekwazile ukungena emqhudelwaneni olandelayo eMorocco.