EzintshaKaizer Chiefs

OweSpurs uphawula ‘ngobuqili’ beChiefs ngoVelebayi

  • Intatheli yeLISENETHINI

ISpurs ichithe isicelo seChiefs sokudayiselwa u-Asanele Velebayi ngoba ikhala ngokuthi imali ebekiwe ayenele. 

Nokho kube sekuvela imibiko ethi unina kaVelebayi usengenelele, ufuna ukunxenxa iSpurs ukuba sikhulule indodana yakhe iyofeza amaphupho ayo kwiChiefs. 

Kodwa u-Efstathiou uthi lokhu kuyicebo elibhedayo nje leChiefs lokuzama ukubacindezela ukuthi badedele umdlali. 

Ngokubika kweKickOff, u-Efstathiou uvumile ukuthi nebala basitholile isicelo seChiefs futhi basichitha. 

“Lamacebo nobuqili obusetshenziswa amaqembu nezimenenja akusebenzi la kwiCape Town Spurs,” kusho u-Efstathiou kwiKickOff.

“Uma usebenza ngokulandela umthetho, awuxhumani nomdlali. Okokuqala lokho.

“Ngakho iqembu elifana neChiefs akumele ngabe lixumana ngqo nabadlali. 

“Sinenkontileka nalo mdlali. Usasalelwe yiminyaka emithathu kuyo,” kuchaza u-Efstathiou. 

Ukuphikile ukuthi bahlose ukubambezela ukukhula kwalo mdlali, wathi bona bazimisele ukudayisa uma kufikwa nemali efanele. 

“Sinobudlelwano obuhle neChiefs, futhi asilwi neChiefs. Abantu abangaphandle abangahlangene nalento abalwayo. 

“Bathi iCape Town Spurs ivimbela abadlali, kodwa abasho okufanayo ngeChiefs. 

“Ungumdlali omuhle kakhulu, kodwa ngabe manje sekumele simdayise nganoma yimalini ngoba yena nonina sebenqume ukuthi ufuna ukuhamba?

“Yihlaya phela lelo. Sesiqala ukulenza ihlaya ibhola laseNingizimu Afrika manje.

“Okusalayo ke kodwa wukuthi ngeke thina sivimbele umdlali. Okuvimbe umdlali yimali ebekwe etafuleni (yiChiefs).”